UNDUNANKULU KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, ugqugquzele abafundi ukuthi bangene emikhakheni ecija ngamakhono ezandla ukuze kudaleke amathuba omsebenzi, kufukuleke nomnotho.
UZikalala ubekhuluma emcimbini wokumenyezelwa kwemiphumela ka-matric yanyakenye eThekwini ngoLwesibili. Uthe ukuphumelela komfundi akuncikile kuphela ekuphaseni kahle u-matric, kodwa nangezinqumo azithathayo empilweni, ukuzinikela nokusebenza kanzima.
“Kuleli sinamanyuvesi, kodwa sifuna ukugqugquzela abantu ukuthi bangene ezikhungweni ezicija ngamakhono emisebenzi yezandla. Ukufundisa ngamakhono ezandla kulezi zikhungo yikhona okudingwa umnotho wethu ukuze uthuthuke. Ngeke siwukhulise umnotho noma sakhe amathuba emisebenzi uma singagqugquzeli abantu ukuthi bafunde ukuzenzela besebenzisa izandla zabo,” kusho uZikalala.
Uthe kulo nyaka kuzokwengezwa izikole ezimbili ezingama- technical high kulezi ezingu-70 ezikhona esifundazweni. Uphinde waveza ukuthi kuzovulwa isikole sezolimo iDabulamanzi Focus School osekuzokwenza zibe nhlanu izikole zalolu hlobo kulesi sifundazwe.
UZikalala uthe izikole zamabanga aphansi ezingu-60, sekuqaliwe kuzo ukuzwa amazwi ngobhoko ngohlelo lwezifundo zobuchwepheshe besimanje iCoding and Robotics, kusuka kuGrade R kuya Grade 3, wathi zingu- 149 izikole ezizokwengezwa ngaphezu kwalezi ezingu-60 ekwenzeni lezi zifundo kulesi sifundazwe.
Ziwu-146 izikole ezithole o-u100% kwimiphumela ka-matric yanyakenye. Isikole esenze kahle kakhulu sibe sinabafundi abaningi, yiMaritzburg College ebinabafundi abangu- 271 ku- matric ababhala izivivinyo zabo baphasa bonke. Isikole iC21 Private ngaphansi kwesifunda saseMgungundlovu, yisona esinesibalo esincane sabafundi kunazo zonke izikole ezithole u-100% njengoba, besinomfundi oyedwa vo obhalile nyakenye.
Zingu-15 izikole okuphase kuzo bonke abafundi ezinabafundi abangaphansi kwabahlanu ababhale izivivinyo zabo, kanti isifunda saseMzinyathi yisona kuphela esibe nesikole okuvalwe kuso ngehlahla kwangababikho umfundi ophumelelile.
Inyunyana uyothisha iNational Professinal Teachers’ Organisation of South Africa, (Naptosa), ithe imiphumela ka-matric esifundazweni mihle kakhulu ngaphezu kwalokho obekulindelwe.
UNkk Thirona Moodley weNaptosa, uthe lesi sifundazwe sinezinselelo eziningi okukhona kuzo ezezikole eziningi ezisezindaweni zasemakhaya nesibalo esikhulu sabafundi.
“Sibonga wonke umuntu odlale indima ebalulekile, umnyango, othisha nabazali abenza isiqiniseko sokuxhasa izingane zabo,” kusho uNkk Moodley.