UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uSihle Zikalala, uthembisa ukuthi ngeke zishiwe zingaqediwe ukwakhiwa izindlu zomxhaso, esekuphele iminyaka engaphezu kwewu-10 zingaqedwa ukwakhiwa kwaPata, eMgungundlovu.
Sekuphele iminyaka abanikazi balezi zindlu behlala kolindela emva kokuthi kudilizwe izindlu zabo, ukuze zakhiwe kabusha. Zingamakhulu izindlu ezadilizwa ngenxa yokuthi zazakhiwe kusetshenziswa izingcingo odongweni, nokwakuholela ekutheni abanikazi bazo bashokwe ugesi.
Ngokusho kwekhansela lendawo, uMnuz Nkosinathi "TK" Gambu, ezindlini ezingaphezu kuka-200 okufanele zakhiwe kabusha, zingaphezulu kuka-100 ezingakaqedwa.
UZikalala uhambele kule ndawo izolo njengengxenye yohlelo "iSiyahlola", lapho ehambela khona izinhlelo zentuthuko ukuyobheka ingqubekela phambili. Ebuzwa yiSolezwe ngezindlu ezingakaqedwa ukwakhiwa, uZikalala uthe ngeke zishiywe zingaqediwe ukwakhiwa.
"Lezo ezingakaqedwa, ngeke zishiywe kanjalo," kusho uZikalala.
Ukwakhiwa kwezindlu sekudle uhulumeni imali engaphezu kukaR82 million. UZikalala uthe ucwaningo aluzange lwenziwe kahle ngesikhathi kuthathwa isinqumo sokuthi lezindlu zakhiwe kufakwe ucingo odongweni.
Izindlu zakhiwa ngo-1996, kwase kuthathwa isinqumo sokuthi zakhiwe kabusha ngo-2010 ngenxa yobungozi ezinabo kubahlali. Uthe ujabule ukuthi mkhulu umsebenzi osuwenziwe ngusonkontileka, kusukela agcina ukuvakashela lendawo.
UZikalala wagcina ukuvakashela kule ndawo ngaphambi kokhetho lwango-2019, lapho ayengena umizi ngomuzi, ekhankasela lona.
"Ngaleso sikhathi sahlangana namalungu omphakathi ayengajabule neze ngenxa yokuthi abanye babo base behlale kolindela iminyaka eminingi, kanti abanye babehlala ezindaweni ezingekho ezingeni. Siyabonga ukuthi kusukela ngalesosikhathi, ziningi izindlu esezakhiwe. Kuyasijabulisa ukuthi abantu bajabule ngenqubekelaphambili esiyenziwe."