Izindaba

‘Uzibulele’ osebenzise isibhamu somsebenzi ukubamba inkunzi

Nonkululeko Nhlapo|Published

Uzibulele osebenzise isibhamu somsebenzi ukubamba inkunzi isithombe:ET Rapid Risponse/FACEBOOK

KUPHELE amahlathi wanquma ukuzibulala owesilisa osebenzise isibhamu somsebenzi ukubamba inkunzi imoto yemali.

Kuthiwa unogada ubephuma esitolo ukuyolanda imali ebheke evenini yomsebenzi enxanxatheleni yezitolo eSeadoone eDoonside ngesikhathi evinjezelwa abasolwa ababili abangaziwa abebehlomile.

“Abasolwa babaleke ngemoto yohlobo lweFord Ranger nokuthe ngokuhamba kwesikhathi yabonakala emgwaqweni uMadilika, KwaFelekisi” kusho uLieutenant-Colonel Robert Netshiunda okhulumela amaphoyisa kuzwelonke.

Amaphoyisa ajahe imoto umshayeli wayo wahluleka ukuyilawula yashayisa udonga lomuzi.

Ngesikhathi esondela amaphoyisa athole umsolwa oyedwa edindilizile phakathi enenxeba lokudutshulwa.

“Bekunesibhamu eduze kwesidumbu nokukholakala ukuthi umsolwa usebenzise sona ukuzibulala.”

Uphenyo lukhombise ukuthi umsolwa usebenza enkampanini yonogada futhi isibhamu asisebenzisile ngesomsebenzi.