KUSOLWA ukuthi ibisaba ihlazo lokukhulelisa ingane yasekhweni layo inyanga edumile okuthiwa iphuze amaphilisi ne-brake fluid yazibulala.
Le nyanga ebiyaziwa kakhulu ngelikaMkhulu Mthethwa waseMandlankala, eSikhaleni, ishonele esibhedlela phakathi nesonto emuva kokuthi ingeniswe isesimeni esibi. Umthombo othembekile olwazi kahle udaba uthe umufi ubenengoduso emzini ongumakhelwane kodwa futhi ejola nengane yakhona eneminyaka engavumelekile ukuba sekungayiwa nayo ocansini.
Ngokomthetho wakuleli umuntu ubekwa icala lokudlwengula uma eye ocansini nentombazane eneminyaka engu-15 nangaphansi.
Kuvela ukuthi indaba ivelile, inyanga yabona ukuthi ibhemile kungcono ife. Kuthiwa umjolo wayo nengane encane ibiwufihlile kodwa indaba yonakale ngokuthi kuhlale isisu nokwenze indaba yahlala obala.
“Ungeniswe egunjini labagula kakhulu wagcina eshonile ebusuku emuva kokuphuza i-brake fluid namaphilisi. Ubedume kakhulu ngokwelapha abaningi bayamazi uMkhulu Mthethwa,’’ kulanda umthombo ocele ukuba lingaphathwa nangengozi igama lawo.
Umufi kuthiwa ubebuye athwasise futhi ukhiqize inqwaba yasebesebenza ngokuzimela.
Ithimba leSolezwe ngeSonto livakashele umndeni kamufi liyowubuza kabanzi ngalolu daba kodwa lafike lanqwamana nenkinga.
Isingqongqo samadodana kamufi eholwa wuyise omncane abehleli phansi kwendlu emthunzini avumile ukuthi uyise akasekho kodwa athi ngeke alandise abezindaba ngoba bazoneka amahlazo kamufi emaphepheni.
Umfowabo kamufi uthe akubhalwe umlando wakhe hhayi okunye okuhlangene nembangela yokufa kwakhe.
“Niyahlupha nina bephepha, nihamba niyofuna amahemuhemu nibhale wona bese indaba niyibeka ngendlela yenu. Siyathanda ukuthi kubhalwe umlando womfowethu kodwa hhayi okunye. Kuzoba nani uma nibhala ningasho ukuthi ubulawe yini?” kubuza umfowabo kamufi.
Abebehleli endlini besifazane bathumele umyalezo wokuthi ngeke bakhulume lutho ephepheni. Bekubonakala ukuthi umoya uphansi kwabomndeni bebukeka bedangele ngokufa kukasokhaya. Indlu abesebenzela kuyona ibivalwe, kunezindwangu zengwe emawindini.
Le nyanga idume kakhulu nangokuhanjwa wosaziwayo ngisho bakwazinye izifundazwe. Kukhona ngisho umculi kamaskandi omgagula engomeni embonga ngamandla akhe uMkhulu Mthethwa.
Imizamo yokuthola ukuphawula komndeni wentombazane igcine ingaphumelelanga njengoba isiqhoqho samadodana kamufi enqabele izintatheli ukuthi zingalubhadi kulo mndeni ongumakhelwane.
Basabise nangokwenzakalisa ithimba leSolezwe ngeSonto uma like laveza isizathu esiholele ekufeni kukayise.