Isoolezwe UMPHAKATHI waseNtuzuma usuzifakele ama-boom gate, uzama ukunqanda ubugebengu
Image: Sithunyelwe
BANETHEMBA lokuthi kuzobehlisa ubugebengu ukufakwa kwama-boom gate ezindaweni ezimbili eNtuzuma.
Lokhu kushiwo umsunguli weThekwini Neighbourwood Watch, uMnuz Andile Jali, emva kwesiqalo salolu hlobo lokuqapha ubugebengu.
Ekhuluma neSolezwe uthe, okwamanje basawafake ezindaweni ezimbili.
“Siwafake ngakwaNozaza, nokuyindawo esekungeneni uma uya ezikhungweni ezifana neSizakala Centre, umtholampilo nokunye. Enye siyifake emgwaqweni oseduze nemizi esanda kuhlushwa yizigebengu, zigqekeza, zithatha impahla, zaze zadlwengula nabantu,” kusho uJali.
Isolezwe UMPHAKATHI waseNtuzuma usuzifakele ama-boom gate, uzama ukunqanda ubugebengu
Image: Sithunyelwe
Uthe ngokusho komphakathi ukhona umehluko, kanti namanye amalokishi aseqalile abuza izindlela zokuthola awawo ama-boom gate.
“Ukufakwa kwawo kusiza ekutheni izigebengu zicabanga kabili ngaphambi kokungena ngawo ngoba ziba novalo lokuthi zizobonakala, bese zibizelwa amaphoyisa ziboshwe. Ziphinde zicabange ukuthi uma kwenzekile zakwazi ukungena, kungenzeka zivaleleke ngaphakathi, bese zingena enkingeni,” kuchaza uJali.
Uthe basanxusa kosomabhizinisi ukuthi babaxhase ngemali yokuthi bawasabalalise ezindaweni eziningi, bakhe nezindlu ezincane ezizohlala abaqaphi, bengeze nangamakhamera.
INtuzuma ingelinye lamalokishi axakwe wubugebengu bezigelekeqe zeWest. Kuke kwabulawa nabasezinhlakeni eziqapha ubugebengu emphakathini.