UBUKEKA uthela izithelo ezinhle umkhankaso we-IFP wokuthi uhulumeni avume ukutshalwa kwensangu ezosetshenziselwa ukulapha abantu.
NgoLwesithathu, uSotswebhu we-IFP ePhalamende, uMnuz Narend Singh, ubuze uNgqongqoshe wezoLimo, amaHlathi nokuDoba, uMnuz Senzeni Zokwana, ukuthi ngabe useyithintile yini iminyango efanele ukuqinisekisa ukuthi uhulumeni uphasisa ukusetshenziswa kwensangu ukulapha izifo ezithile.
UZokwana uthe bamatasa nezingxoxo ezizoqinisekisa ukutshalwa kwensangu ukuze ilaphe izifo ezithile kulandelwa umthetho.
“Umthetho othinta ukusetshenziswa kwensangu ukulapha izifo ubhekelelwe nguMnyango wezeMpilo nowezoBulungiswa ngokomthetho wemithi wango-1965. Siyithintile le minyango nowezoHwebo neziMboni namaphoyisa ukuqinisekisa ukuthi ukutshalwa kwensangu ngeke kuphule imithetho ethile,” kusho uZokwana.
Uthe ucwaningo olwenziwayo lokuthi izokwazi yini ukusebenziseka njengomuthi nokuthi izothengwa ngabantu abangaki luhamba kahle.
“Njengamanje umnyango wethu nowezempilo umatasa ubheka imithetho yokulawula ukutshalwa kwensangu nemikhiqizo ezokwenziwa ngayo,” kusho uZokwana.
Uthe bayitshelile iminyango ethintekayo ukuthi kubalulekile ukuthi insangu ibhekwe ngeso lokwelapha. Basalinde izimpendulo.
USingh uthe bazolinda izimpendulo zeminyango ethintekayo njengoba kusathuthukiswa umthetho ozosebenza uma sekudayiswa insangu ezosetshenziselwa ukwelapha.
“Sikholwa wukuthi insangu ezosetshenziselwa ukwelapha izifo ezithile ibalulekile ekuthuthukiseni umnotho nasekudaleni amathuba omsebenzi. Ucwaningo lwethu luveza ukuthi umnotho uzohlomula kakhulu ngalolu hlelo. Kufanele iminyango ethintekayo iluphuthume lolu hlelo ngoba luza nenqwaba yamathuba omsebenzi nempilo engcono kubantu,” kusho uSingh.
I-IFP ifake lesi sicelo ngoba iqhubeka ezinyathelweni zelungu layo eselashona uMnuz Mario Ambrosini owaphakamise ukuthi uhulumeni avumele ukusetshenziswa kwensangu ukuthi ilaphe ezinye izifo. U-Ambrosini owazibulala wayenomdlavuza.
kanti waphoqeleka ukuthi aye phesheya lapho babemnika amakhambi enziwe ngensangu ayepholisa izinhlungu. U-Ambrosini waphetha ngokuzibulala emzini wakhe oseWestern Cape.