INDODA ehlobisa amawashi ngobuhlau ithole ithuba lokuthi iyokhangisa ngawo embukisweni eLondon.
Umbhali wezincwadi, uMnuz Lunga Ntuli, wakwaDukuza, umenywe ukuyokhangisa ngamawashi elebula yakhe ebizwa ngeLN Watches. Umenywe kwi-Africa Fashion Week London (AFWL) ngo-Agasti 9-10. Kulo mbukiso waminyaka yonke kuhlangana abakhangisi bengqephu bamazwe ahlukene bezokhombisa ngethalente labo. Umbukiso usuvulele osomabhizinisi abaningi emkhakheni wemfashini ithuba lokukhula kulo mkhakha.
Ukumenywa kukaNtuli kuqhamuke emuva kokuba abohlaka lwezohwebo nokutshalwa kwezimali esifundazweni bebone umsebenzi wakhe. Umsebenzi wakhe bawubona kwezinye zezimakethe ezikhangisa ngomsebenzi esifundazweni.
“Ngijabule kakhulu ukuthola ithuba ngoba bekuvele kuyiphupho lami ukuthi umsebenzi wami ufinyelele nakwamanye amazwe. Ukuya kwi-AFWL kuzosiza nokuthi ngazi kabanzi ngomkhakha wemfashini. Umbono omkhulu wukukhulisa ilebula yami, ngingagcini ngamawashi kuphela,” kusho uNtuli.
UNtuli, owaqala ilebula ngo-2016, uke wenza nezikhwama kodwa kazihambanga ngendlela abefisa ngayo. Nokho usebona kuyithuba lokuthi abuyele nakuzona njengoba ekholwa wukuthi kuningi azokuthola kulo mbukiso.
Uthe icebo lamawashi laqala ngoba uyathanda ukuqhakambisa okwesintu. Usebenzisana nabanye abesifazane abenza umsebenzi wezandla, asebenza nabo. Uzimisele ukwakha ubudlelwano nezitolo zaseLondon, athe ziningi ezidayisa izimpahla zase-Afrika.
UNtuli, osebhale izincwadi ezine zothando, uthe ubuhlalu buyindlela yokuxoxa ngezothando. Uthe ubone ukuthi bukhona ubudlelwano phakathi kwezindaba zothando abhala ngazo nobuhlalu ngoba vele nasemandulo bekusetshenziswa bona uma kushelwa.
Umbukiso waseLondon wasungulwa nguNkk Ronke Ademiluyi waseNigeria kodwa ozalelwe e-England. Wasungulwa ngo-2011 ukukhombisa ithalente labantu base-Afrika kwezemfashini nokuvulela amathuba abasiki bengqephu nosomabhizinisi base-Afrika kwamanye amazwe.
Uphiko lwezohwebo nokutshalwa kwezimali KwaZulu-Natal lwasungulwa ukusiza izinkampani zaseNingizimu Afrika nosomabhizinisi abancane ukuthi bazidayise kwamanye amazwe. Luphinde lukhuthaze nokuthuthukiswa komnotho wesifundazwe nokuvulela amathuba osomabhizinisi besifundazwe.