Uzohlolwa ingqondo obhekene nelokubulala
Image: SITHUNYELWE
UPHUTHUNYISWE esibhedlela sabangaphilile kahle, omunye wabasolwa kwabayisithupha ecaleni lokusocongwa kwenyanga futhi eyayikhansela le-ABC, uMnuz Qedukwazi Theodare Mzimela (35).
UMnuz Mthokozisi Mqadi ongumsolwa wesibili kuleli cala kodwa okunguyena othathwa njengongqondongqondo walo, izolo uphuthuyiswe ngabaphenyi esibhedlela sabangaphilile ngengqondo esiseMgungundlovu. Lokhu kuza ngemuva kokuba ummeli wakhe eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, eveze ukuthi kuvela ukuthi uMqadi akasathathi kahle ekhanda.
IMantshi uSingh ithathe isinqumo sokuba aphuthunyiswe esibhedlela ngenhloso yokuyobheka ukuthi ngabe lokhu kuyiqiniso kangakanani. Abanye aboshwe noMqadi kuleli cala, ngoMnuz Mcebisi Mdeni ongummangalelwa wokuqala, Bheki Sibiya ongummangalelwa wesithathu, Ayabongwa Tshibase ongummangalelwa wesine, Mduduzi Mthethwa ongummangalelwa wesihlanu kanye noPhilani Hlongwane ongummangalelwa wesithupha.
UMshushisi u-Advocate Siverpesad, akazange akuphikise ukuthi uMqadi aphuthunyiswe esibhedlela. Icala lihlehliselwe uJulayi 7. Ngalolu suku inkantolo izobe izozwa imiphumela yasesibhedlela.
Kuzokhumbuleka ukuthi umufi kwaqale kwasabalala izithombe zakhe ezinkundleni zokuxhumana kuthiwa udukile ehamba namathwasa akhe bebizwe lapho abebeyosebenza khona. Kuthiwa isidumbu sakhe nezamathwasa zatholwa ngaphansi kwebhuloho elisemfuleni uMngeni, eThekwini.
Ngesikhathi esuka ekhaya ngoMashi 15, 2024 kuthiwa wayelebhekise eMhlanga namathwasa akhe nawo atholakala eshonile endaweni efanayo ngakusasa. Amathwasa ayekade ehamba nawo kwavela ukuthi kwakunguMnuz Senzo Professor Ngema noMnuz Phumlani Hopewell Mbutho.
Kwavela ukuthi babekade beyohlangana nothile eMhlanga, bese behamba beyokwelapha ndawana thizeni.
Kuthiwa uMzimela wahamba nalaba ngemuva kokuba ayekade ethole ucingo kothile owayethe ucela usizo lukaMzimela njengomelaphi wendabuko.
Kwabukeka bobathathu bebulewe ngesihluku njengoba kuvela ukuthi babenamanxeba okudutshulwa futhi izandla zabo zaziboshwe ngentambo.
UMzimela (35) waseMzinto, wayedume kakhulu ngelikaBeefy kanti wasocongwa kungakapheli nesikhathi esingakanani kubulawe umkakhe.
Related Topics: