USETHATHE isinqumo sokuyofunda phesheya umfundi wesikole samabanga aphezulu eMpangeni osanda kuwina emncintiswaneni weSayensi.
Bekunzima kuPinky Jiyane (osesithombeni) ofunda uGrade 12 Ongoye High ukunquma ukuthi ashonephi ngonyaka ozayo emuva kokuthi ehlabane ngemifundaze emibili kwi-Eskom Expo International Science Fair ebiseBoksburg, eGoli.
UPinky (18) uthole umfundaze kaR1.3 million ozomenza afunde iminyaka emithathu kwi-International Technical Apprenticeship eBerlin, eGermany. Ngaphandle kwalo mklomelo ubethole nomfundaze wokuyofunda eDurban University of Technology.
“Bengibhalisele ukwenza izifundo zobunjiniyela ngonyaka ozayo. Senginqume ukuthatha umfundaze wokuyofunda eGermany ngoba yithuba elingajwayelekile.”
UPinky kade ayegila izimanga kulo mncintiswano aqala ukuwungenela esafunda uGrade 10. Yize ebenezinselelo zokuthi isikole asinazo izinsiza, lokhu akumvimbanga ekuthini azimisele.
Uthe empeleni ukuba sesikoleni esinezinselelo yikona okumenze waqinisela.
“Bekunzima kakhulu ngisaqala ukungenela ngoba iphrojekthi ibidinga imali nezinsiza isikole sami ebesingenazo. Nasekhaya bebengakwazi ukungisiza ngemali, ngalekelelwa uthisha obengifundisa iLife Science osethathe umhlalaphansi.”
Eqala ukungenela kwaGrade 10 wawina esifundazweni wadlulela kuzwelonke wabuya nomklomelo weScience Kit yesikole nendondo yegolile.
Ngonyaka odlule uphinde wadlulela kuzwelonke kodwa wangenza kahle. Kulo nyaka ushaye bonke abafundi kuzwelonke phezu kwezingqinamba zokushoda kwezinsiza.
Uthe ubebuye asebenzise iScience Kit ayiwina kwaGrade 10. Uthe ngesikhathi engenela umncintiswano okokuqala wakuveza ukuthi isikole asinayo iLaboratory, okwenze waphinda wawina iScience Kit kaR25 000 nakulo mncintiswano.
Echaza ngalo mncintiswano uthe bekumele baqhamuke nendlela entsha yokufaka ugesi ezigubhini.
Unyaka nonyaka bekumele aqhamuke namanye amasu ukunyusa izinga kwi-phrojekthi yakhe, obekunzima ngenxa yokushoda kwezimali.
UPinky uthe ubevele enza kahle ezifundweni zesayensi, yingakho angenela lo mncintiswano kusukela kwaGrade 10.
Ngesonto eledlule uchonywe uphaphe yisikole sakhe emcimbini abenzelwe wona. Kulo mcimbi bekukhona iMeya yesifunda iKing Cetshwayo District, uNksz Nonhle Mkhulisi, noDkt David Chonco onguMqondisi wesifunda eMnyangweni wezeMfundo, oncome uPinky ngokuphakamisa igama lesikole nesifunda.