SETHUSE amalungu omphakathi isigameko sokubulawa kowesifazane okuthiwa udutshulwe uyise maqede naye wazibulala eMontclair, eThekwini.
Isenzo okuthiwa senziwe nguMnuz Thamsanqa Ngubane waseRisingfield, eMontclair, sokudubula kufe indodakazi yakhe uNksz Thinah Ngubane (26) besemzini wakhe ngaphambi kokuthi naye azibulale ngeSonto ebusuku, sishiye abaningi beshaqekile.
Umakhelwane othe ubesondelene kakhulu noNgubane ongeke adalulwe ngenxa yobucayi bodaba, uthe uzwe ukuthi uNksz Ngubane ubesendaweni yokucwala izinwele ngesikhathi ethola ucingo oluvela kuyise emfuna ekhaya.
“Angazi ukuthi ingxabano yabo iqale kuphi kodwa sizwe uThinah (umufi) ememeza ecela usizo, saphuma nabasekhaya saya khona. UNgubane uchaze ngomoya ophansi wathi kunodaba abalubangayo kodwa ufuna nje kuphela indodakazi yakhe imnike ithuba lokubeka uhlangothi lwakhe. Wacela ukunikezwa ithuba akhulume nendodakazi yakhe,” kusho umakhelwane.
Uthe ubeyindoda ehlonishwayo ewusizo kakhulu emphakathini futhi ekhonziwe ngakho umkholiwe uma emchazela ukuthi akukho okutheni, yize uNksz Ngubane ubelokhu ememezile ecela ukuthi bangamshiyi ngoba uyise ufuna ukumbulala.
“Ngithuke ngesikhathi esesivalela ngaphandle kwesango edonsela uThinah ngaphakathi. UThinah ubegcizelela ukuthi uma efuna ukukhuluma akakhulume phambi kwethu kodwa wathi ngeke akhulume izindaba zomndeni wakhe phambi kwabantu,” kusho yena.
Uthe umufi (Nksz Ngubane) ubememeza esho nokuthi uyise akusiye lo muntu umphakathi ocabanga ukuthi uwuyena, ngakho bangamshiyi naye.
Uveze ukuthi umbizele inombolo yocingo kadadewabo nekanina ecela ukuthi okungenani abafonelwe ukuze babikelwe ngokuqhubekayo, okuthe ngesikhathi eyolanda ucingo, wezwa uNksz Ngubane ekhala kakhulu embiza efuna usizo. Kuthiwa ubesele noyise kuphela njengoba unina ubesavakashele emzini wenye indodakazi yakhe.
“Ngibuye ngejubane ngithi ngifuna ukuzozwa ukuthi kwenzenjani okuthe uma ngingena kwaqhuma isibhamu sibhekiswe ngalapho bengiqhamuka khona. Ngibaleke ngabuyela emuva. Saphinde saqhuma okwesibili wathula umsindo wokukhala okuvele kwasicacela sonke ukuthi uyamdubula. Siphinde saqhuma okwesithathu,” kubalisa umakhelwane.
Ngesikhathi Isolezwe lihambele umndeni izolo, uMnuz Thulani Ngubane oyilungu lomndeni, uthe abakabi sesimeni sokuphawula ngalesi sehlo kodwa umndeni uzokhipha isitatimende maduze.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe kuvulwe idokodo ngokufa kwabantu esiteshini samaphoyisa eMontclair.