UYISE womkhwenyana wasoLundi, oneminyaka engu-16 osanda kushadelwa umakoti wakhe olingana naye, uthe uzama ukumenzela usiko lakoninalume, lokumugeza, ukuze ezoqeda ubuthongo, obumxoshe esikoleni.
USiyacela Dlamuka obefunda uGrade 9, eNdlovana High uyeke isikole ezinyangeni ezimbili ezidlule ngoba ekhala ngokuhlaselwa ubuthongo ekilasini.
USiyacela ushadelwe nonyaka ngo-Ephreli, uThando (16), uMaMathebula waseNkandla. UThando ufunda uGrade 10, kwesinye isikole esikhona oLundi.
NgoLwesibili kuthintwa uyise kaSiyacela, uMnuz Mthandeni Dlamuka, uthe selokhu indodana yayeka isikole wenza imizamo yokumsiza.
“Ngiyabona ukuthi kukhona izinto zesintu ezingahambi kahle, indodana yami ayikaze iyogezwa koninalume. Ngihlela ukuba siye eMlaza komalume wakhe kaShezi ukuze ezogezwa. Ngiyakholwa ukuthi lokhu kuzomsiza ukuqeda lobu buthongo obumhlasela esikoleni. Sihlanganile nosonhlalakahle nabo bazolokhu befika lapha ekhaya bezokhuluma naye. Namaphoyisa ngawathinta athi azofika ezokhuluma naye ngalenkinga yokuyeka isikole kwakhe. Ngiyathemba ukuthi ngonyaka ozayo undodana uzobuyela esikoleni,” kusho uDlamuka.
Uthe yize kunjalo umakoti wakwakhe konke kusahamba kahle esikoleni futhi akukho okuzomphazamisayo.
“Ngiyabona ukuthi yena uzophasa ngoba uhlakaniphile. Umakoti wakwami wenza kahle kakhulu ngoba uma ebuya esikoleni uyakwazi nokwenza imisebenzi yalayikhaya.Uyahlonipha kakhulu. Ngiyizaqhenya ngezithandani ezincane, zenza kahle,” kusho uDlamuka.
UDlamuka uveze nokuthi basanda kubuya eGoli, kade beyolungisa udaba lokuqoshwa kwesiqephu sesibili se-Isencane Lengane abakwa-Moja Love.
USiyacela noThando, bathembisane umshado ngonyaka odlule, omunye efunda uGrade 8, omunye uGrade 9.
FUNDA:
Isolezwe labika ngenkonzo eCorriantians Christian Church in Zion, lapho bathembisana khona umshado.
Kuze kwaba nendumezulu yomshado kulonyaka.
Uyise kaSiyacela uthe simdumazile kakhulu isenzo sendodana yakhe sokuyeka isikole kulandela ukushadelwa.
USiyacela akazange atholakale ukuba aziphendulele ngalolu daba, njengoba kuthiwa ubengekho ekhaya ngesikhathi Isolezwe likhuluma noyise.