IMEYA yaseMgungundlovu, uMnuz Themba Njilo, ithi babonga uNkulunkulu ngokuvikela umsakazi woKhozi FM olimale kabi esigamekweni okusolwa kuso ukuthi ubedunwa imoto.
Kushaqise abaningi ukuvela kwezindaba zokuthi uSbu Buthelezi wohlelo lwasemini Indiza Nathi ngo-12 kuya ku-3 ntambama phakathi nezinsuku udutshulwe amahlandla amaningana ngeSonto ebusuku eMbali, eMgungundlovu.
UNjilo uthe kubuhlungu okuvelele lo msakazi.
“Ngiphuma kuye nje (esho izolo emini), isimo sakhe siyagculisa kakhulu. Siyambonga uNkulunkulu. Uyakhuluma konke kuhamba kahle siyabonga asiqedi,” kuchaza uNjilo ngamafuphi.
Umthombo okhulume naleli phephandaba uveze ukuthi uSbu ubekwenye yezindawo afuna ukuqala kuzo ibhizinisi eMgungundlovu.
“Kuthiwa ubemile ngaphandle kule ndawo ngesikhathi kuqhamuka abalisa okungaziwa ukuthi bangaki abavele bavulela ngenhlamvu. Isicabha sakhe ungasibona ukuthi silimele kanjani njengoba kwanaye edubuleke esifubeni,” kuchaza umthombo.
Uveze ukuthi lo msakazi kuthe ngesikhathi esedubulekile wangena emotweni wahamba wayofuna usizo.
“Kuvela ukuthi ungene egaraji nala engalutholanga khona usizo njengoba abantu bevele bathuka babaleka ngisho nabasebenzi. Uphinde waqhubeka wazishayelela nokuthe endleleni waluthola wase ephuthunyiswa esibhedlela,” kuchaza umthombo.
LESI ngesinye sezithombe ezilethe ithemba kwabaningi ukuthi uyalulama umsakazi woKhozi FM, uSbu Buthelezi, ngemuva kokuvela kwezindaba zokuthi udutshulwe esigamekweni okusolwa ukuthi ubebanjwa kuso inkunzi eMgungundlovu ngeSonto ebusuku. USbu kulesi sithombe ubehanjelwe umculi wokholo uThobekile Mkhwanazi nabanye ozakwabo
Uveze ukuthi esibhedlela ukwazile ukulandisa abafike kuqala konke okwenzekile kodwa isimo sakhe sase siba sibana nokugcine esengeniswa egunjini labagula kakhulu.
Abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana bazwelane kakhulu noSbu ngokumehlele.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe kuvulwe icala lokuzama ukubulala ngemuva kwalesi sigameko.
Uthe owesilisa oneminyaka engu-47 uhlaselwe ngabesilisa abangaziwa abavele bavulela ngenhlamvu ekhoneni lomgwaqo u-Archie Gumede noMoses Mabhida.
UMbele uthe lona wesilisa ulimale esifubeni nasengalweni.
Umculi wokholo uThobekile Mkhwanazi wehlise amaphaphu abaningi ngemuva kokuthi efake isithombe enaye lo msakazi esibhedlela.
Okhulumela iSABC, uNeo Momodu, uthe abaphathi bakwaSABC nabasebenzi bonke bamfisela ukushesha alulame uSbu ngemuva kwesigameko esimehlele.
Uthe lo msakazi uyalulama futhi isimo sakhe sempilo sihle kakhulu.