UYAZISOLA umfana osinde kugwiliza abangani bakhe emfuleni waseMtubatuba, iNyalazi, ngoLwesibili. USiphamandla Ndabandaba (16) uthi akasabuthi quthu ubuthongo ebusuku ngenxa yokuhlushwa yimicabango namaphupho amabi.
USiphamandla usinde ngokulambisa ngesikhathi umfula umukisa uZamani Mthembu (27) nengane yakubo u-Asanda Nene (16). "Sengihlala ngithuka izanya, ngibuka isithombe sabo bemuka nomfula ngibhekile. Ngiyabezwa ezindlebeni zami bekhala, befuna usizo.
Ngizisola mina ngoba ngabe mhlawumbe basaphila ukube angifunanga ukubhukuda nabo. Bengazi ukuthi bona abakwazi ukuhlamba emanzini. Bengithi ngizobasiza kanti ngizogcina ngihlulekile ngenxa yokuphelelwa ngamandla."
FUNDA:
USiphamandla uthe okumqwashisa ubusuku bonke okuka-Asanda ngenxa yokuthi owakubo futhi ubelala naye embhedeni. "Uma ngilele ebusuku kungathi ulele eceleni kwami, ngizombona evuka, ngimbone engena ngomnyango noma ephuma."
Uthe bebefunda esikoleni esisodwa iMchakwini High, eMfekayi yize yena enza uGrade 10, u-Asanda abenza uGrade 8. Uthe nakuba befikile abaluleki bengqondo kodwa usamdinga udokotela ozomluleka ngokuphelele ngoba usaphazamisekile engqondweni.
OSiphamandle bebeyozingela izinyosi ngaphesheya komfula. Besaya khona bahambe ngebhuluho kodwa bathe sebebuya bathatha isinqumo sokunqamula kuwo lo mfula osukhiphe inqwaba yezidumbu. Izidumbu zika-Asanda noZamani zize zatholakala ngakusasa ngoLwesithathu, sezitatululwa ngamaphoyisa angabatshuzi basemanzini aseMpangeni.
Uyise ka-Asanda, uZenzele Nene uthe sebeqala ukushaya amakhala ngalo mfula ngoba seziningi izidumbu zabafana osuzithathile. Lezi yizidumbu zesithathu kulo nyaka njengoba ekuqaleni konyaka umukise umfana wakwaSibiya (16). Nangonyaka owedlule wathatha izingane zakwaGumbi. Uthe unyaka nonyaka kuphuma izidumbu ezimbili noma ezintathu kulo mfula.