UZISHAYA isifuba umfundisi webandla iChurch On The Hill Ministries eKatlehong, eGoli, ophuzisa abantu ugologo omhlophe iRussian Bear ngoba ethi ubelapha igciwane lengculazi nezinye izifo esontweni lakhe.
U-Apostle Uriah Maseko ongowokudabuka khona eKatlehong, utshele leli phephandaba ukuthi wembulelwe wuMdali ukuthi elaphe ngezinyembezi zikaFaro.
Uthi akaqalanga kugologo kodwa usuka nasebhodleleni likabhiya iCastle Lite.
Uveze nokuthi yena unguzifozonke ngoba ulapha kwasani okugulisa isidalwa esingumuntu.
Uma kufika umuntu edinga umkhuleko esontweni lakhe, kuyaziwa ukuthi akananazi umshayela izitifu ezinkulu noma ambumbuthele ibhodlela emlonyeni walowo othandazelwayo.
“Into uma isibusiwe uNkulunkulu kusuke sekuphelile, isingasebenza ukwelapha abantu bakhe. Senginesikhathi eside ngihola ibandla lami futhi nabantu bangena bagcwale phama ngibalaphe ngoba balethwa uMdali kimi.’’
Ephenywa kabanzi ngobucayi bodaba lokwelapha igciwane lengculazi, uthe ukubuza imibuzo kusho ukudelela uNkulunkulu uqobo lwakhe. Uthe unesiqiniseko sokuthi uyelapha akabaluthi abantu.
“Lokho phela kufana nokuvivinya ukholo lwami nokwedelela uMdali ongithumile ukuba ngenze lo msebenzi wokwelapha abantu. Odokotela belapha ngemithi, nami iyona ndlela engiyembulelwe ukuthi ngelaphe ngayo.’’
Uqhube wathi akayinaki indaba yemigomo kahulumeni ngoba uyazi ukuthi uzolokhu umtshela amanangananga ngokuthi indlela yakhe yokwelapha ayihlolwanga ochwephesehe bemithi yokwelapha.
Mayelana nesikalo sikagologo okufanele uphuzwe owelaphayo, uthe akanaso esiqondile kodwa kubonakala ngaleso sikhathi esemelapha, kuye nangokuthi uthini uMdali weZulu nomhlaba ngaleso sikhathi.
Uthe abanye uyabanika ingilazi ethi ukugcwala abayalele ukuthi ugologo awehle ngomphimbo wena owabona umuntu etha uphethroli emotweni.
BASHAYA olayini abazalwane beze ku-Apostle Uriah Maseko webandla iChurch On The Hill Ministries obalapha ngogologo omhlophe
Okhulumela uMnyango wezeMpilo kuzwelonke, uMnuz Popo Maja, uthe umdlalo indaba yalo mfundisi, udlala ngemizwa yabantu.
“Selokhu yavela indaba yeHIV baningi abantu asebeqhamukile bethi bayakwazi ukuyelapha. Sike sibone ngisho izikhangiso emaphepheni bethi abantu bakwazi ukwelapha sesaze sejwayela nje. Into ebalulekile abantu okufanele bayazi wukuthi alikho ikhambi leHIV okwamanje,’’ kusho uMaja.
Nabamabandla bayayihlaba le ndlela yokwelapha yalo mfundisi njengoba uBishop Bheki Ngcobo weNational Interfaith Council of South Africa ethe isikhulunywe kakhulu indaba yabefundisi abadlala ngabantu.
“ Sinesiphakamiso kuhulumeni ukuthi abefundisi ake babhaliswe ngokusemthethweni bathole nezincwadi ezibagunyaza ukuhola amabandla. Lokhu kuzosisiza ekutheni sikwazi nokuthi bashushiswe noma bajeziswe ngalezi zenzo,” kusho uNgcobo.
Ugxeke abantu wathi nabo bayabavumela laba befundisi ukuthi badlale ngabo. Wathi uma abazalwane benganqaba ukwenziwa lemi gilingwane, nalaba befundisi bangayiyeka le mikhuba.