UZibuyile (18) uzobe emele isizwe samaZulu kulo mqhudelwano wonobuhle bezizwe ezihlukahlukene zakuleli ozobe useNkosi Albert Luthuli ICC, eThekwini ngoDisemba 17.
"Ukukhethwa ukuba ngimele isizwe samaZulu akusiyo neze into encane kodwa kusho ukuthi ngithenjiwe ukuthi ngizomumela ngendlela egculisayo uZulu wonke jikelele. Kunginika ukuzethemba okukhulu kunakuqala," kusho uZibuyile ongumsunguli we-Ubuhlakani Community Project and Londekamabuyi Accessories futhi ongumethuli wezinhlelo kwiSelect Africa.
UZibuyile unxusa noma wubani ukuba amvotele ngokuthumela igama elithi Indoni Miss Zulu ku-33616. Kuvotwa noma yikangaki.
Nabafisa ukumxhasa ngemali noma nge-airtime uthe bangamthinta ku-082 746 4593.
UZibuyile uqale ukuzihlanganisa nalo mncintiswano obophele izizwe ezingu-11 kusukela ngo2019. Ungumagcino ebantwaneni ababili bakaMnuz Zakhe noNkk Beauty Zibane. Ufunde amabanga aphansi eKlaarwater Primary ngaphambi kokuphothula uGrade 12 eCrossmoor Secondary. Uthe uhlela ukwenza izifundo zobumeli esikhungweni semfundo ephakeme.