OBEYIMEYA yeTheku uNkk Zandile Gumede uthi uzosedlulisela esigungwini esiphezulu seqembu isinqumo sokuxoshwa kwakhe esikhundleni sobumeya.
UNkk Gumede ukhulume ne News 24 wayitshela ukuthi uzobhalela isigungu sikazwelonke ngoba namanje akakazi ukuthi yini axoshelwe yona esikhundleni.
''Kubalulekile ukuthi ngithathe lesi sinqumo ngoba kufanele ngizwe kahle ukuthi yimiphi imigudu elandeliwe .
Isigungu esiphezulu kufanele singitshele ukuthi kungani kuthiwe ngehlulwe wumsebenzi. Ngiwumholi owaziwa nakwamanye amazwe, ngiyahlonishwa kakhulu. Kufanele ngichazelwe ukuthi ngehluleke kanjani wukwenza umsebenzi,'' kuchaza uNkk Gumede.
Uphawula kanjena nje usanda kukhonjwa indlela emuva komhlangano oyisipesheli we-ANC KwaZulu-Natal onqume ukuthi akhululwe kulesi sikhundla. UNobhala uMnuz Mdumiseni Ntuli uthe kunombiko abawutholile okhomba ukuthi isimo asihambi kahle kumasipala weTheku.
UNkk Gumede uxoshwe emuva kokunikwa ikhefu kusukela ngoJuni kulandela ukuboshwa kwakhe ebhekene namacala enkohalakalo yethenda kaR208 million yokuqoqa udoti. UNtuli uthe ukuxoshwa kukaNkk Gumede akuhlangene necala elisenkantolo kodwa kuhambisana nokuphathwa komkhandlu.
''Ngivinjelwa ukuthi ngingawenzi umsebenzi wami ngendlela, ngeke ngikuvume lokho. Ngicindezelwa ngoba ngiwumuntu wesifazane. Sekwanele manje ,'' kubhoka uNkk Gumede.
UNkk Gumede umile ekutheni ujeziselwa ukuthi ungumuntu wesifazane ngoba kukhona abanye eqenjini ababhekene namacala ezinkantolo kodwa bayaqhubeka ezikhundleni zabo. Ukhalaze ngokucindezelwa kwabesifazane eqenjini athe kudla lubi.
Uthe uyakholwa wukuthi i-ANC kufanele ilinde ukuthi icala lihamba kanjani bese ithatha izinyathelo hhayi ukuthi ijahe.
FUNDA:
Indaba yokucindezelwa kwabantu besifazane eqenjini ivele isematheni njengoba uMengameli we-ANC Womens League uNkk Bathabile Dlamini usanda kukhala ngayo esonga nangokuthi abesifazane bazogcina bezivulela elabo iqembu uma bephathwa kabi ku-ANC.
“Uma singaqapheli, maduze, laba besifazane abasebenze ngokuzikhandla kwi-ANC, bazoqala inhlangano yabo futhi ngeke babe nandaba nokuthi iqhakambisa abesifazane kuphela, inqobo nje uma izofezekisa izidingo zabo, bazoyijoyina,” kusho uNkk Dlamini emhlanganweni obuhanjelwe umengameli Cyril Ramaphosa izolo.