UYAVEVA umndeni kaMfundisi weBandla lakwaShembe odutshulwe wacishe wafa ngoMgqibelo ngesikhathi abasolwa bemhlasela kwakhe, bezobamba inkunzi njengoba oyedwa ededelwe ukuba agcinwe ngaphansi kweso labazali ngenxa yeminyaka yakhe.
Laba basolwa abane kuthiwa babanjwe emngceleni waKwaZulu-Natal neMpumalanga ngoMsombuluko, bebaleka ngemoto okukholakala ukuthi bayebe kwaMfundisi Xaba.
Izolo, bavele eNkantolo yaseNquthu ebigcwele abomndeni kaXaba.
Icala lalaba basolwa, okungoMnuz Phumlani Xulu, Phumlani Buthelezi, Andile Radebe nomunye oneminyaka engu-17, lihlehliselwe uJuni 22.
Laba abathathu babuyiselwe estokisini. Laba kuthiwa bafike kwaXaba badubula umfundisi odume ngokuba usizo emphakathini yaseMondlo naseNquthu. Kuthiwa bafune imali, bathatha nemoto yakhe, bamshiya bethi ufile.
Udadewabo kaMfundisi Xaba namadodakazi akhe bebala ukhasha, bengafuni lutho njengoba bethe kwalona leli cala balibona linganamsebenzi ekubeni uXaba ecishe wafa.
“Akukho okusigculisayo ngokwenzekayo futhi asifune nokukhuluma nabamaphepha ngoba kuyacaca ukuthi siyobe sidayise ngengane yakwethu, okumanje sicishe sayingcwaba ngendlela elimele ngayo.
“Ngicela ungaphinde ukhulume nathi noma usithinte ngoba asazi noma sekuhlekiswa ngesimo esisivelele yini ekhaya. Okokuqala lawa maphoyisa akuyalele thina abeyinikwe ubani imvume?
Balibele ukutshela wena ngokulimala kukamfowethu, bakhohlwa ukuzochazela thina,” kusho udadewabo kaXaba ochazwe ngokuthi uMaXaba Sithole.
UMshushisi, uMnuz Mlungisi Mayisela, uchaze leli cala njengelibucayi kakhulu nokudale ukuba abasolwa babuyiselwe estokisini.
UXaba ulaliswe esibhedlela eligodliwe igama laso.