Izindaba

Uyaveva umlisa onceliswe umphambili wachanyelwa

Nonhlanhla Mbonambi|Published

UYAVEVA umlisa othandana nobulili obufanayo othi unceliswe umphambili, maqede wachanyelwa kusukela ekhanda. Isithombe: Bongani Shilubane/African News Agency (ANA)

UYAVEVA umlisa othandana nobulili obufanayo othi unceliswe umphambili, maqede wachanyelwa kusukela ekhanda kuya ebusweni ngesikhathi esendaweni yobumnandi eTshelimnyama, eMariannhill, ngeSonto ebusuku.

Umgilwa ongeke adalulwe igama lakhe ukuvikela isithunzi sakhe, uthe ubeseLugaju Shisanyama Tavern, ezozijabulisa emva kokuwina umncintiswano ngesikhathi ehlelwa ngakubiza ngenhlekelele.

“Bekungabo-9 ebusuku, ngiyochama emva kwesitolo khona eshisanyama, kungekho okubi engikusolayo ngoba abantu ebengihleli nabo ngibajwayele futhi ngikhule nabo. Bengingazi ukuthi kukhona ongibonile wase engilandela,” kusho umgilwa.

Uthe ngesikhathi echama kuvele kwaqhamuka umlisa wamdonsa umphambili wakhe ngenkani, emfosa ukuthi ehlele ngezansi kuye.

“Kuthe kusenjalo, lo mlisa wakhipha umphambili wakhe uqobo wangifaka wona emlonyeni, engiphoqa ukuthi ngiwuncele ngenkani. Ngizame ukumemeza ukuze abantu bezongizwa, kwasho ukuthi kusemsindweni futhi singemuva kweshisanyama, akulula ukuthi abantu bangizwe,” usho kanje.

Uthe eseqedile lokhu ekade ekwenza, umqongqothe ngebhodlela ekhanda wase emchamela. Bebebancane abantu ababonile okwenzekile nabebe sebefuna ukumshaya khona eshisanyama.

“Ngimbikele umphathi wale ndawo, wangitshela ukuthi asiphumele ngaphandle siyilungise le nto ngoba akafune msindo. Ngibone lapho ukuthi akukho angangisiza ngakho, ngaphuma ngaleso sikhathi ukuyobikela unina walo mlisa ngoba ungumuntu engimaziyo nengikhule naye,” kuzikhalela umgilwa.

Uthe ebikele unina wakhe, wamtshela ukuthi ingane yakhe ngeke ikwenze lokho ngoba ayikho njengaye.

“Kungiphathe kabuhlungu ukuthi umuntu engimthembile njengomzali nengikhule phambi kwakhe, angasho amazwi abuhlungu kangaka. Kusho ukuthi nendodana yakhe ibingikhipha ukusa ngekwenzile ngoba akukho esikubangayo,” kusho umgilwa.

Uthe uvule icala lokudlwengulwa ngoMsombuluko.

Isishoshovu esilwela amalungelo abathandana nobulili obufanayo, uNksz Nonhlanhla Mkhize, uthe kubalulekile ukuthi nabantu emphakathini bafundiswe ukuphilisana nabantu ngokuhlukana kwabo nangendlela enenhlonipho.

“Zikhona inhlelo ezibekiwe emphakathini ukufundisa abantu ngokuphilisana nabantu abathandana nobulili obufanayo, kodwa asizukuya phambili uma uhulumeni engezokuzixhasa izinhlelo. Sifuna ukubona ubulungiswa, kuqiniswe umthetho, bathathelwe izinyathelo ezinqala abadicilela phansi isithunzi sabanye abantu,” kusho uNksz Mkhize.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Nqobile Gwala, uthe bayakuqinisekisa ukuthi isigameko senzeke eTshelimnyama, ngabo-9 ebusuku.

“Umlisa oneminyaka engu-22, kusolakala ukuthi udlwengulwe wumsolwa amaziyo. Icala lokudlwengula livuliwe esiteshini samaphoyisa eseMariannhill, idokodo ladluliselwa eChatsworth, kuphiko oluphenya ngamacala odlame lwasemndenini, ukuvikelwa kwezingane namacala ocansi, ukuze kuphenywe kabanzi,” kusho uLt Col Gwala.