UYAVEVA usihlalo wenhlangano yamatekisi iSantaco KwaZulu-Natal, uMnuz Boy Zondi emuva kwesigameko sokukhalakathela emfuleni kwetekisi ebethwele abagibeli ngoLwesithathu ntambama.
Umshayeli wetekisi yaseMgungundlovu ubezama indlela enqamulelayo eya edolobheni, ehamba ngoBarnsley Road ezonqamula phezu kwebhuloho lomfula iDuzi River obugola izintethe.
Itekisi ebilayishe abagibeli abane ithathwe ngamanzi, yaze yakhalakathela emfuleni. Ngenhlanhla iye yabhajwa endaweni engashoni.
Abagibeli bahuzukile. Owesifazane ohlale isikhathi eside evalelekile uphuthunyiswe esibhedlela.
“Siyasigxeka isenzo somshayeli wetekisi sokugembula ngempilo yabagibeli. Abashayeli kumele bahlale beqaphile ngaso sonke isikhathi futhi basebenzise eminye imizila kwejwayelekile uma isimo sisibi.
ISantaco eKZN ngeke izibekezelele izenzo zobudedengu ezifuze lesi,” kusho uZondi.
Uqhube wathi bayazama ngaso sonke isikhathi ukuqhuba umkhankaso wokuphepha kwabagibeli, besebenzisa umkhankaso wabo iHlokomela.
Imenenja ehhovisi leSantaco eKZN, uMnuz Sifiso Shangase ithe abanye abashayeli bayathanda ukuhamba ngezindlela ezinqamulelayo, okugcina sekufaka bona nabagibeli enkingeni.
UShangase unxenxe abashayeli ukuthi bashayele ngokucophelela njengoba imvula iqhubeka nokuna.
“Abashayeli abangaphumi emarenki netekisi eligcwele abagibeli uma imvula ina ngamandla, kunesichotho futhi liduma lishaya imibani. Abalithobele balinde kwehle ukuna bese beyashayela ngoba ukuphuthuma kwabo kubeka impilo yabo neyabagibeli engcupheni,” kusho uShangase.