UVELA namuhla eNkantolo yeMantshi yaseMlaza osolwa ecaleni lokudubula iphoyisa kuleli lokishi, elabulawa ngoJuni nonyaka.
USergeant Siyabonga Radebe (34), owayesebenza ophikweni lwamaphoyisa asebenza ngezinja eMlaza, kuthiwa wahlaselwa ngabasolwa ababili abamdubula ngesikhathi edlala i-snooker endaweni yokucima ukoma eseduze kwakubo kwaC kuleli lokishi ngoJuni.
Okhulumela oKlebe, uCaptain Simphiwe Mhlongo, uthe umsolwa ona-23 uboshwe ngamaphoyisa ophiko oluphenya amacala abucayi ngokubambisana neProvincial Trio Task Team naweFlying Squad eThekwini ngoMsombuluko.
Oboshiwe ungumsolwa wesibili ukuboshwa kuleli cala njengoba amaphoyisa abopha isihlobo sikaRadebe, uNksz Siphindile Sithole, ngosuku olulandela okwabulawa ngalo leli phoyisa.
UNksz Sithole waboshwa kwaW khona eMlaza, kwathi omunye wesilisa wadutshulwa ngamaphoyisa nokwavela ukuthi abasolwa babegubha ukubulawa kukaRadebe.
URadebe wachazwa abamaziyo njengephoyisa elalingabhekani nezigebengu kubalwa nezaziwayo endaweni, esebenza ngokuzinikela.