Mbali Khanyile
UYALANDELWA umkhondo wabantu abawu-10 abafe ngempelasonto, babulawe ngabantu abebeziphindiselela.
Kwisehlo sokuqala sokudutshulwa kwabantu ngoMgqibelo KwaNdengezi kudutshulwe abantu abayisithupha kwafa abahlanu. Kwesesibili kubulawe amadoda amane eMangangeni, eZwelibomvu, abesolwa ngokuntshontsha izimbuzi kwathi kwesesithathu, kwabulawa indoda edutshulwe yaphonswa emhoshweni yatholwa yizingane ebezizingela.
Ekhuluma nemindeni eshonelwe ehholo KwaNdengezi, uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uBheki Cele, uthe okwamanje ayikaziwa imbangela yokubulalana kwabantu kule ndawo naseZwelibomvu kodwa amaphoyisa azokwenza okusemandleni ukulandelela ukuze kuxazululeke inkinga.
“Umkhondo uyatholakala kodwa awucacisi ngobekubangwa. Kuzokwandiswa ingqalasizinda yamaphoyisa KwaNdengezi. Abangaba nolwazi ngokwenzekile siyabanxusa ukuthi basizane namaphoyisa,” kusho uCele.
Eqhuba uthe yize umkhondo utholakala akazokhuluma kakhulu ngoba basematasa ngawo. Ube esedonsa abantu bendawo ngendlebe ethi bangalinge baziphindiselele uma kukhona abakutholayo.
Imindeni yabafelwe izwalakalise ukukhululeka ngokufika kukaCele othembise ukulandelela umsuka wokwenzekile.
UNksz Lindiwe Phungula waseGlenwood, eMgugundlovu, unina womunye wabahlanu abafe KwaNdengezi, uthe ugcine ukubona indodana yakhe ngoLwesihlanu iyovela eNkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu ngecala lokuzama ukubulala ebilihamba nomngani wayo.
“Waya enkantolo wabe esebuya ngingekho ehamba nentombi yakhe ebinguthisha beyolanda omunye wabangani bakhe naye onentombi ewuthisha. Ngagcina ukukhuluma naye ngoMqgibelo engakabulawa ngimbuza ukuthi ukuphi njengoba engabuyi,” kusho uNksz Phungula.
Uthe yize engasazi isizathu sokufa kwendodana yakhe, banazo izinsolo abangakaziqinisekisi. Intombi yendodana yakhe ibinoyise wengane obengahambisani nokuthandana kwabo.
Uthe uyise wengane yentombi ubeseke wafika eyobheka indodana yakhe angayificanga ekhaya ehamba nabangani bakhe.