UFUNA ukuthuthukisa osomabhizinisi besifazane nabantu abasha uMnuz Wiseman Zondi (32) we-Eminentec Investement Holdings etshala imali emabhizinisini ahlukene.
UZondi waseMgungundlovu uthi inkampani yakhe wayisungula ngo-2018 ngoba efuna ukutshala imali emabhizinisini aletha umehluko empilweni yabantu baseNingizimu Afrika.
Uthe inkampani yakhe iyaqhubeka nokutshala imali emabhizinisini ahlukene yize kuqubuke i-Covid-19.
Le nsizwa ithi i-Covid-19 ibe yisifundo kubo bonke osomabhizinisi kwazise baphoqelekile ukuthi bashintshe izindlela zokuqhuba ibhizinisi bebe bevikela abatshalizimali nabasebenzi.
“Inkampani yethu iyingxenye yalezi ezibukwa njengezinkampani okufanele ziqhubeke nokusebenza noma izwe livaliwe. Sisebenzela emakhaya. Lokhu kwenza sibheke izinhlelo zethu zokusebenza njengenkampani encane emkhakheni wokutshalwa kwezimali. Siye saphoqeleka ukuthi simise izinhlelo zokusiza umphakathi lapho besizonikela ngezinsiza namathoyizi enkulisa yaseMgungundlovu. Sizimisile nezinhlelo zethu zokulekelela abafundi ngezinhlelo zokubaluleka ngemikhakha enhlobonhlobo ebesizozenza eHammarsdale,” kusho uZondi.
Uthe ucwaningo luveza ukuthi iCovid-19 izoba yingqinamba yeminyaka emibili ngakho njengenkampani encane banohlelo lokubhekelela lesi simo nokuqinisa idolo abanamasheya enkampanini yabo ngokuqhubeka nomsebenzi nokwandisa izindawo abatshala kuzo imali.
I-Eminentec Investment Holdings inabasebenzi abahlalu abasebenza ngokugcwele nabahlanu abayitoho.
UZondi uthe bazimisele ngokuqasha abanye abasebenzi ngokuhamba kwesikhathi njengoba inkampani ikhula.
Izinkampani abazixhasayo uthe kufanele zibhaliswe ngokusemthethweni ngokwemithetho yoMnyango wezoHwebo neziMboni neCompanies and Intellectual Property Commission (CPIC) zilandele nemithetho yokuhweba eNingizimu Afrika.
Uthe kufanele kube yizinkampani ezingenisa uR10 000 ngenyanga noma ngaphezulu, ziphathwe ngabamnyama okungenani u51% wamasheya kube ngawabamnyama.
Kufanele kube ngabantu abazimisele ukusebenzisana ne-Eminentec Investment Holdings balandele nohlelo lwale nkampani lokuthuthukisa osomabhizinisi ukuze inkampani ikhule.
UZondi uveze ukuthi wakhuliswa ngunina owayengashadile nokwathi eseshonile udadewabo omdala uNksz Tholiwe Zondi kwaba uyena obabhekayo ekhaya.
Uthe udadewabo waze washiya izifundo zakhe ze-electrical engineering ukuze kufunde yena.
Ufunde eKwenzakwethu Primary wadlulela eMasijabule High lapho ephothule khona umatric ngo-2006.
Uneziqu zeNational Diploma in Financial Management azenze eMgungundlovu FET College, ezeBCom Financial Management azithole e-Unisa njengamanje umatasa ne-Accounting Sciences nayo ayifunda e-Unisa.
Ngaphambi kokuvula inkampani yakhe uke wasebenza eNedbank, Absa, Liberty Life, Assupol, South African Chefs Association nakwiPietermaritzburg Association for the Aged.
Uthe kuye kubukeke kunzima ukusungula ibhizinisi kodwa kufanele baqhubeke kulo mkhakha bawasebenzise namathuba abanikwa wona.