OWESILISA obonakala kwi-video eshaya owesifazane abagibele naye etekisini elisuka eMgungundlovu liya eThekwini, ugeqa amagula ngokwakwenzeka nokuthi kungani agibela umuntu wesifazane ngesibhaxu.
UMnuz Maurus Ndlangisa ohlala kwamanye amahostela aseThekwini, uthi wahluthukelwa yinhliziyo.
“Lezi zingane zabanga umsindo itekisi lisuka eMgungundlovu, zazithuka inhlamba, ngisho nomshayeli. Zangena etekisini ziphethe ibhodlela likagologo namanye amabhodlela engingawazi, zayohlala emuva. Le enye ikhwifa amathe, umshayeli ayikhuze. Wazicela ukuba zifake izifonyo, zasuka lapho zamthuka, zithi abashayeli bamatekisi abafundile futhi zona azijoli nabo,” kulandisa uNdlangisa.
Uthi, ePinetown kwehla laba besifazane base bezohlala esihlalweni esingemuva kwesakhe.
“Afike adelela abanye osisi akade bezixoxela aze abathuka. Ngisuke lapho ngiphenduke ngiwaqalaze, bese ngibheka phambili. Abuze lo omunye ukuthi ngibabukani? Sihilizisane ngamazwi aze ehle axolise, nami bese ngiyaxolisa. Lo okuthiwa uFezeka engabonakala ngimshaya, athi uxoliselani kulo baba onempandla asho angithele ngempama, nokuyilapho ngasukuma khona ngaziphindiselela,” kuchaza uNdlangisa.
Umshayeli waleli tekisi, uMnuz Thokozani Khumalo, uthe uma amaphoyisa efuna ukubopha uNdlangisa ucela abophe yena ngoba wahluleka ukuvikela abagibeli bakhe, ayelokhu ethule leziya zingane zidelela.
“Lezi zingane zaqala zafuna ngivule umsakazo nganqaba ngoba zazinomsindo futhi kukhona abantu abadala etekisini. Kusanjalo, enye yakhwifa amathe angazanga ukuthi iwakhwifele kuphi nendawo. Ngibe sengiyikhuza, ngazicela zombili ukuthi zifake izifonyo nokuthi ziyeke ukuchitha phansi utshwala. Zathi ziyazi ukuthi bese ngizosho njalo futhi zona azijoli nabashayeli bamatekisi abahola uR400 kodwa zona zijola nabanikazi bamatekisi. Zathi umsebenzi wami ukushayela, angiqhubeke ngenze lokho,” echaza.
Uthe akazange aphendule, waqhubeka nokushayela. Itekisi isisePinetown uthi kwaba nabagibeli abehlayo.
“Zisukile lezi zingane zazohlala esihlalweni esingemuva kwesikaNdlangisa, ube esethelwa utshwala, enye ixolise. Le okuthiwa uFezeka, iphendule ithi uxoliselani endodeni enempandla ongathola nokuthi ayilisikile ijwabu? Angibonanga ukuthi kwenzakalani emva kwalokho ngoba ngangibheke phambili, khwiqiqi, ngabona uNdlangisa eseyishaya. Angikwazanga ukumisa itekisi ngoba belihamba kuthelawayeka. Ngenkathi ngilimisa, ngicele lezi zingane ukuthi zehle ngoba bese zibahlukumezile abagibeli emotweni yomphakathi, zanqaba kwagcina sekwehla uNdlangisa.”
Uthe laba besifazane badelela kakhulu kuleli tekisi, kwala ngisho esebakhuza ukuthi bayeke ukuphuza, babuza umthetho othi bangaphuzi.
“Ngasaba nokuzehlisa esigangeni ngoba ngibona ukuthi izingane futhi ziphuze ngokwedlulele,” kusho umshayeli wetekisi.
Uthe baphinde bamlwisa bethi akayobashiya eWorkshop kepha wanqaba ngoba itekisi ligcina eYMCA bese liphindela erenki.
Owesifazane ongathandanga ukudalulwa owayegibele kuleli tekisi, uthi bafika eThekwini bengasayithandi indaba ngenxa yomsindo nokudelela kwala mantombazane, wonke umuntu wayesecasukile.
UNksz Fezeka Mtolo ohlala eThekwini, owenza izifundo iBachelor of Social Science eNyuvesi yaKwaZulu Natal, eHoward College, obonakala kule-video eshaywa wuNdlangisa, uthe babethintile kancane nomngani wakhe bengahluphi muntu etekisini.
“Angisakhumbuli ukuthi sasixoxa ngani nomngani kodwa asihluphanga etekisini. Okungiphethe kabi ukuthi abantu basiyekelela wasishaywa loya baba singamenzanga lutho. Kwaba khona ukuphikisana ngamazwi ngoba ngangingaqondi ukuthi uMbali uxoliselani kuloya baba, wavele wasukuma nje wangishaya ngingamenzanga lutho. Ngangingeke ngishaye umuntu wesilisa, anginawo lawo mandla,” kusho yena.
Uthe angeke aze alivule icala ngoba akamazi uNdlangisa.
Ngenkathi Isolezwe lixoxa naye, uthe kungani ebuzwa ukuthi kwenzakaleni ngoba kumele kukhulunywe indaba yokuthi ushaywe ngumuntu wesilisa?
Udadewabo kaNksz Mtolo, uNksz Thabile Phewa, utshele Isolezwe izolo ukuthi udadewabo udinga ukwelulekwa ngokwengqondo emva kwalesi sehlo.
UNksz Mbali Zwane ohlala eThekwini owenza izifundo zePublic Management e-UNISA owayezwakala kule video ethi, “Nooooooo!” uthe akazange aqonde ukuthi kungani umngani wakhe ashaywa nguNdlangisa.
“Ngiyafisa le-video isuke ezinkundleni zokuxhumana ngoba manje sisaba nokuphumela ngaphandle, siyafisa nokuthola ukululekwa ngokwengqondo.”
Okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Mhlabunzima Memela, uthe kuyicala ukushaya umuntu.
“Akukhathalekile ukuthi ubani oqale washaya omunye. Ubaba unelungelo lokuthi ayovula icala njengoba ethi wahlaselwa. Amaphoyisa azobe esenza uphenyo. Umnyango uzonikeza laba besifazane usizo lokululekwa ngokwengqondo kodwa abakezi kuthina,” kusho uMemela.
Imenenja ehhovisi leSantaco eKZN, uMnuz Sfiso Shangase, uthe utshwala abuvumelekile ematekisini ngoba izimoto ezomphakathi.
“Kuzokwenzeka uthele umuntu ngotshwala acasuke bese kuqala ingxabano. Sisamile ekutheni abantu abathambile bangashaywa. Abantu besifazane banawo amalungelo kodwa ahamba nokuthi bayiqaphe indlela abaziphatha ngayo,” kusho uShangase.