INHLANGANO yongoti kwezezimoto i-Automobile Association izolo imemezele ukuthi uphethroli uzonyuka ngoR1.12 ilitha okusho ukuthi ilitha selizobiza uR17 uma kuphela inyanga.
Izolo i-AA ithe ukunyuka kukaphethroli kuzodalwa wukunyuka kwentengo ka-oyela ongahluziwe nokuntenga kwerandi.
“Ucwaningo lwethu luveza ukuthi upharafini uzonyuka ngoR1.17 ilitha, elikadizili libe wuR1.38. Lokhu kusho ukuthi ilitha le-93 Octane selizobiza uR17 okusho ukuthi selinyuke ngo-20% kusukela ngoJanuwari kwazise belibiza uR14.20 ekuqaleni konyaka. Sicela uhulumeni angenelele ngoba bazosindwa abashayeli bezimoto,” kusho i-AA.
UMnuz Dawie Roodt oyisazi somnotho se-Efficient Group, uthe ukunyuka kwelitha likaphethroli ngoR1.20 kuzoba wumthwalo osindayo emahlombe abathengi.
“Uma kunyuka uphethroli kuye kunyuke nokudla. Ukunyuka kwawo kwenziwa wukuthi siwuthenga ngamadollar, okuthi uma irandi lethu lintenga sithenge ngemali eningi. Ibuhlungu lento kubathengi, angisazi ukuthi ngithini kubona ngoba izifociya zibansinya. Abazame ukuphila nalesi simo esikuso ngoba vele akukho esizokwenza siwumphakathi ukwehlisa intengo kaphethroli,” kusho uRoodt.
Ucele abantu ukuthi baqhubeke nokunxenxa uhulumeni ukuthi ehlise intela ekhokhwa uma kuthengwa uphethroli futhi kuthi uma sekuvotwa bavotele izinhlangano ezizobacabangela.
I-IFP igqugquzele abantu ukuthi basayine amaphethishini kumaziko ayo ukuze izokwazi ukufaka ingcindezi kuhulumeni ukuthi ehlise intela ekhokhwa kuphethroli.