UMNDENI kaNandi ongunina weSilo uShaka kaSenzangakhona ukhala ngokusetshenziswa kwegama likaNandi ungaziswanga okuqanjwe ngaye isibhedlela saseMpangeni nomgwaqo waseThekwini.
UMnuz Mhlathuze Mhlongo wasemndenini kaNandi, uthe kunesibhedlela iQueen Nandi esiseMpangeni nomgwaqo oya KwaMashu uQueen Nandi Drive owaqanjwa kungaxhunyanwanga nomndeni.
Uthi aweneme ngalesi senzo esikhomba ukungawuhloniphi.
“Sizwe sekukhona isibhedlela nomgwaqo okuqanjwe ngoNandi kungaxhunyanwanga nathi njengomndeni. Wukungawuhloniphi umndeni kaNandi lokhu ekubeni engunina weSilo uShaka esabumba amaZulu,” kusho uMhlongo.
UNgqongqoshe woMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongiseni Dhlomo, uthe kwaxhunyanwa neNdlunkulu ngaphambi kokuba kuqanjwe isibhedlela ngoNandi.
“Umnyango ubusebenza ngokuhlonipha nokubambisana neNdlunkulu ohlelweni lokuqanjwa kwesibhedlela, kusukela ekuqaleni kuye kufike ekuphethweni kwalo. Kulandelwe yonke imigudu efanele,” kusho uDkt Dhlomo.
UMhlongo uthe kwaba yiphutha ukuthi umnyango uxhumane neNdlunkulu ngento ethinta uNandi.
“Wayengashadele kwaZulu uNandi. AbakwaZulu banqaba ukuthatha uNandi, asiqondi ukuthi kungani uma kunento ethinta yena ikhulunywe nabaseNdlunkulu. Kunesikhathi lapho abakwaZulu bafika kwaMhlongo bezothatha uShaka egula. Obabamkhulu babacela ukuthi bathathe noNandi ngoba ingane ayihlukaniswa nonina kodwa abakwaZulu bathi beze ngendodana yabo kuphela. Akukho esake savumelana ngakho nabakwaZulu,” kusho uMhlongo.
Okhulumela iNdlunkulu, uMntwana uMbonisi Zulu, uthe kulukhuni ukuphawula kulolu daba ngoba kunemigudu elandelwayo uma kukhona ozohlonishwa ngokuthi kube nendawo eqanjwa ngaye.
“INdlunkulu iyisikhungo esikhulu, angifuni ukuthi ngithi anginalwazi ngokuqanjwa kwalezi zindawo ngibe ngingazi ukuthi kulandelwe miphi imigudu ngaphambi kokuba ziqanjwe. Ngisazokwenza ucwaningo ukuthi kwenzekani,” kusho uMntwana uMbonisi.
Ngokuqanjwa komgwaqo oseThekwini uQueen Nandi Drive kuthiwa kwaxhunyanwa nomndeni kaNandi.
Okhulumela umasipala weTheku, uMnuz Msawakhe Mayisela, uthe yonke into eyenziwa umasipala uyaxhumana nabasuke bethinteka ngokuqanjwa kwezindawo.
“Kwakungeke kwenzeke ukuthi bangaxhumani nomndeni othintekayo uma kuqanjwa umgwaqo ngelungu lawo. Sekunesikhathi lo mgwaqo waqanjwa bekungakaze kubekhona nkinga ngokuqanjwa kwawo,” kusho uMayisela.
UMhlongo uphinde waveza ukuthi kuyiphutha nokuthi uNandi abizwe ngeNdlovukazi ngoba akagcagcelanga kwaZulu. Uthe ngenxa yokuthi ungowasebukhosini bazi ukuthi uyiNkosazana.