UBHUQUZA ekhaya umfundi waseFairbreeze Secondary, oThongathi okhonjwe indlela esikoleni kuthiwa akuvumelekile ukuphinda ikilasi kabili.
Umfundi uqale ukufunda uGrade11 ngo-2017, wafeyila i-English, wawuphinda, ngonyaka odlule ufeyile iReligious Studies neHistory.
Uninakhulu uthe wathumela indodakazi yakhe ukuba iyomlandela iriphothi lomzukulu ngoba egula, engasakwazi ukuhamba kahle.
“Ngosuku lokuqala indodakazi yami yabuya ingaliphethe ithi kuthiwe ulahle incwadi kumele kukhokwe uR200. Uthisha wathi ngeke akwazi nokulifunda alishiye uma ingakhokhwanga imali. Uma isikhokhiwe uthisha wakhe watshela indodakazi yami ukuthi umzukulu ufeyilile, umthetho wesikole awuvumi ukuthi aphinde ikilasi okwesibili ngakho kuzomele simzamele iTVET, ayofunda kuyo ngoba kubonakala sengathi kudingeka afundele ikhono angabi sesikoleni,” kusho uninakhulu.
Uthe kuyamxaka lokhu ngoba umzukulu wakhe akakaze afeyile uqale ukufeyila esekaGrade11, okuchaza ukuthi uyefana nezinye izingane akadingi ukufunda esikoleni sabafundi abadinga ukunakekelwa okwengeziwe.
“Kuphele izinsuku ezimbili ethole iriphothi, ngambamba esebophele amabhande
e-gown ophahleni lwendlu ebusuku. Uma ngibuza ukuthi wenzani, wathi akayiboni into ayiphilelayo ngoba esikoleni uxoshiwe. Ngishayele ucingo ubabekazi wakhe ngoba uyise sewashona ngimcela ukuthi akangenelele kulolu daba,” kusho uninakhulu womfundi.
Ubabekazi womfundi uthi uthishanhloko washo okufanayo nakuyena.
“Ngabuza ukuthi kwakungashiwo ukuthi kufeyila umfundi ofeyile ulimi hhayi izifundo ezimbili. Wathi noma engalufeyilanga ulimi uyafeyila futhi uhlelo lokududulwa kulesi sikole alukho. Ucela ukuthi afunelwe iTVET ngoba akakwazi ukumelana nesikole esijwayelekile,” kusho ubabekazi womfundi.
Uqhube wathi wacela ukubona amamaki atholwe ngumfundi kwathiwa ayimfihlo yesikole akuvumelelile ukuthi umzali awabone.
Udlulele ehhovisi lomhloli naye wamchitha wathi obekungenziwa ukuthi umfundi adudulwe kodwa lolo hlelo selwavalwa. Azokuzama ukuthi umfundi abuyele esikoleni ayophinda uGrade 11.
“Ngibashayele ucingo ngosuku lokuvulwa kwezikole ngibuza kumhloli ukuthi ingane yenzenjani, wathi ayilinde, asisazi ukuthi sizolinda kuze kube nini.
UMnuz Muzi Mahlambi uthe uhlelo lokududulwa kwabafundi lukhona kodwa bazoqale baluphenye udaba lwalo mfundi ngaphambi kokuthi baphawule kabanzi ngalo.