UYAVEVA owesifazane ozibize ngomzukulu wekhehla athi yilona elangcwatshwa ethuneni elisekilasini likaGrade 10 esikoleni iMthwane Senior Seconday, eMzimkhulu.
Lo wesifazane onqabile ukudalula igama lakhe, ushayele ucingo ihhovisi leSolezwe ngeSonto izolo ebhoka ngolaka emuva kokukhishwa kodaba kwiSolezwe ngoMgqibelo.
Isolezwe ngoMgqibelo libike ngokukhathazeka kwabazali nabafundi baseMthwane abazithele phezu kwethuna eliphakathi ekilasini ngesikhathi kuvulwa izikole.
“Umzukulu” womnikazi wethuna uthe okumdina tu ukuthi udaba lwethuna likayisemkhulu seluphenduke undabuzekwayo ezinkundleni zokuxhumana.
“Abantu bayasithuka kwiFacebook. Bakhuluma ngento abangayazi. Le nto icekela phansi isithunzi sethu. Ukube bayazi ukuthi itshe lifakwe ngumuntu owayenguthishomkhulu, umuntu ofundile. Asinayo futhi imali yokuganga, yokufaka itshe lapho kungekho khona thuna. Abayeke ukusithathisa kwabantu abangenangqondo,” kusho lo wesifazane.
Uthe abantu bangakhuluma abakuthandayo kodwa bewumndeni bazoqhubeka nomsebenzi wokumbulwa kwetshe ukuze bagcine isiko labo.
Uveze ukuthi baphoqwa isimo sokuthi kumele benzele uyisemkhulu umsebenzi.
Ukuqinisekisile ukuthi likhona ngempela ithuna ekilasini wathi noMnyango wezeMfundo bawubikela ngaleli thuna ngesikhathi wakha isikole kodwa wabashaya indiva.
Echaza ngethuna, uthe ngelikayisemkhulu oshone eminyakeni eminingi edlule.
“Umkhulu wami loya ongcwatshwe laphaya. Ungcwatshwe epulazini lakhe, kukhona nethuna likagogo nelengane yabo laphaya. Ukuba khona kwamanye amathuna egcekeni lesikole kuveza khona ukuthi yindawo okwakungcwatshwa kuyo. Sisuka eKokstad, umkhulu wanikezwa leli pulazi eliseMzimkhulu ngesikhathi sekubuyiselwa umhlaba kubantu,” kusho lo wesifazane.
Uthe into emenza abe phambili kulo mbango womhlaba ukuthi uyisemkhulu wayembhalile efeni lakhe. Uqhube wathi sebekhathele ukubanjiswa udonga uMnyango wezeMfundo yingakho sebethathe isinqumo sokuqhubeka nokugcina amasiko abo.
Usabise ngokuthi umndeni uzothatha izinyathelo zomthetho uma kuke kwanyakaziswa amathuna awo.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe sekuphele unyaka umnyango ucele baphumele obala abathi indawo okwakhiwe kuyo isikole ngeyabo, baveze nobufakazi balokhu.
Uthe lokhu akukuze kwenzeke yize lo wesifazane ethi sebexhumane izikhawu eziningi nomnyango.
Uze wathi nothishanhloko bake baba nemihlangano naye emuva kokuthi betshelwe nokuthi kunezipoki ezihlupha abafundi emakilasini.
“Sabe sesihlela ukuthi kube khona imisebenzi yesintu esiyenzayo ukuxazulula le nkinga,” kusho lo wesifazane othe bawumndeni omi kahle futhi onezifundiswa.
UMlotshwa uthe sebefake amakilasi angomahamba-nendlwana ukuze kuqhubeke ukufunda esikoleni, ukuze othisha bangafundiseli endaweni enamathuna.