BAKHATHAZEKILE ngombango womzila oqhubekayo phakathi kososeshini iZimeleni nePMB Long Distance. UMnuz Bheki Makhaye ongunobhala kusoseshini weZimeleni noMnuz Bhekumuzi Zuma onguSihlalo bebezifikele mathupha emahhovisi eSolezwe izolo BAKHATHAZEKILE ngombango womzila oqhubekayo phakathi kososeshini iZimeleni nePMB Long Distance. UMnuz Bheki Makhaye ongunobhala kusoseshini weZimeleni noMnuz Bhekumuzi Zuma onguSihlalo bebezifikele mathupha emahhovisi eSolezwe izolo
UBEYITHEMBA emndenini wakhe obulawe ezihambela ngaserenki yaseMasukwane eMgungundlovu ebuya emsebenzini.
UMnuz Thulasizwe Ngubane (35) waseSmero ushone ngesikhathi osomatekisi bedubulana erenki ngoLwesihlanu.
Abasolwa abahlanu abangonogada baboshiwe ngecala lokubulala, elokuzama ukubulala nelokucekela impahla. Bavele enkantolo yaseMgungundlovu izolo icala lahlehliselwa uJuni 7 ukuze bacele ibheyili. Bagcinwe esitokisini.
UNgubane kuthiwa wadutshulwa esanda kwehla kwenye itekisi ephuma emsebenzini ngaseWartburg lapho esebenzela enye inkampani enquma izihlahla.
Unina kamufi, uNksz Sbongile Mchunu (59) uthe ubelindele ukuhlangana nendodana yakhe ukuze imnikeze imali.
“Ubezisukela emsebenzini, sizohlangana naye. Uthe uzoqale akhiphe imali bese eza kimina. Ngizwe sengishayelwa ucingo umfowabo engitshela ukuthi angiphuthume emaphoyiseni akuLoop Street nokuyilapho amaphoyisa engitshele ukuthi udubuleke kulwa osomatekisi, washona. Namanje kusenzima ukukholwa okwenzekile. Angazi ngizokwenzenjani ngoba ubeyithemba lethu emndenini,” kusho uNksz Mchunu.
Uthe usesele nezingane ezine njengoba kushone uNgubane.
Kulezi zingane eyodwa esebenzayo, naye unina kamufi uthe usebenza njengonompilo.
“Indodana yami ibingesona nhlobo isixhwanguxhwangu nokwenza isidumaze indlela ebulawe ngayo,” kusho uNksz Mchunu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe abasolwa abathathu baboshwa ngoLwesihlanu, ababili bazinikela emaphoyiseni ngeSonto.
Ukuhlasela kuthiwa kumayelana nombango womzila phakathi kwamatekisi aseHowick nawaseMgungundlovu. Amatekisi aseHowick nawaseMgungundlovu asesifundeni esisodwa kodwa kuhlukene ososeshini, kuneZimeleni Taxi Association nePMB Long Distance.
Izolo ubuholi beZimeleni buzifikele emahhovisi eSolezwe bukhala ngalesi sehlo.
UMnuz Bheki Makhaye onguNobhala noMnuz Bhekumuzi Zuma bathe abahambisani nokugaxana nomunye usoseshini emzileni wabo njengoba beneminyaka ecela ku-30 bewusebenza.
“Asizimisele ukusebenzisa lo mzila nabanye abantu. Kumanje nathi sinamatekisi amaningi, asisayitholi inzuzo. UMnyango wezokuThutha yiwona okumele ulungise le nkinga ngoba umzila owethu,” kusho uMakhaye.
Amatekisi ePMB Long Distance aqale ukuthutha abantu abaya eHowick besuka eThawini emuva kukaFebhuwari 18 nonyaka emuva kokuthola imvume yokuthutha kuwo. Kumanje basebenza bobabili labo soseshini eMasukwane kuthutha abaseZimeleni, eMgodini (ngaseSegro Centre) kulayishe
abePMB Long Distance.
IZimeleni ikhala ngodlame nokuhlaselwa yilo soseshini ebanga nawo njengoba yaveza ukuthi abasebenzi kuwona banqanda abagibeli ukuba bangawagibeli amatekisi abo. IZimeleni ithe izwelana nomndeni kamufi ngokwenzeke ngoLwesihlanu yadlulisa namazwi enduduzo.
AbePMB Long Distance abatholakalanga izolo ukuba baziphendulele kwabasolwa ngakho.
Okhulumela uNgqongqoshe wezokuPhepha uMnuz Mxolisi Kaunda, uMnuz Mluleki Mntungwa, uthe uhlangane nosomatekisi abathintekayo ngoLwesihlanu bakhetha ukuba kwandiswe amaphoyisa azoqapha isimo.