UMNDENI wethwasa eliminze liyogezwa wugobela walo, naye ominzile, uthe belinezinyanga ezimbalwa liqalile ukuthwasa njengoba livelelwe yilo mshophi.
Ithwasa liminze nezangoma ezimbili ligezwa emfuleni eZimbokodweni ngaseFolweni eThekwini.
UNksz Qhamukile Molefe (65), Mnuz Vulindlela Radebe (62) noNksz Nonsikelelo Mbili (24), baminze ngoMgqibelo.
UNksz Qondi Mbili, waseMbumbulu ongunina kaNksz Mbili, izolo elandisa Isolezwe ngokwenzekile, uthe ubebuka ngesikhathi indodakazi yakhe iminza.
“Uqale ukuyothwasa ekupheleni kuka-Ephreli. Ubelokhu egula, esephuma igazi ngezindlebe. Ubebuye aphuphe.
“Wabe eseya kothwasa emva kokudla amagobongo. Ngelanga lesigameko nami ngangikhona ngimphelezela ngiyomela umndeni wethu. Ingqondo ungathi iyama uma ngicabanga ngokwenzekile,” kusho uNksz Mbili.
Uthe ubebukela ebuqamama ngoba ubegezwa uNksz Molefe ehambisana nelinye ithwasa.
“Ubeyogeza ibomvu, baya osebeni lomfula. Bamgeza. Bese beqedile, ngabona besukuma bedonsana.
“Ngazitshela ukuthi yinto eyenziwa yizangoma. Yena nogobela wakhe, bangena emfuleni. Ngangilokhu ngizitshela ukuthi bazobuya.
“Kuthiwa indodakazi yami yavele yasukuma yaqonda emfuleni, bayilandela kanti izovele ingene emanzini amaningi iminze.
“Kungene nesinye isangoma, esihlekisana nogobela wendodakazi yami (uMnuz Radebe) ezama ukubahlenga. Bonke abazange baphume emanzini. Ngisale ngikhexile ngingazi ukuthi kwenzekani,” kusho uNksz Mbili.
Elandisa ngendodakazi yakhe uthe: “Kade aqeda esikoleni, engawutholi umsebenzi. Izinto zakhe bezimnyama engawutholi umsebenzi.
“Unengane eneminyaka emibili ubudala. Besithemba ukuthi uzosizakala uma esethwasile.”
Uthe kubuhlungu kakhulu ngoba lona bekunguzinyo bulala wakhe. Akanabo abanye abantwana. Abengakenziwa amalungiselelo omngcwabo.