KUPHITHENE amakhanda emndenini wakwaMkhize, eNew Germany, ngasePinetown kubulawa ngesihluku ubaba wekhaya phambi komndeni.
UMnuz Petros Thabani Mkhize (41) oyi-Assistant Director ophikweni lwe-EPWP eMnyangweni wezeMisebenzi yoMphakathi, uhlaselwe abantu abangaziwa abebehamba ngeToyota Yaris ngoMsombuluko odlule.
Ngokusho kukaNksz Sibongile Zwane, oyingoduso kamufi, waqala ukuqaphela ukuthi kukhona imoto eyayibalandela ezinsukwini ezimbalwa ezandulela ukubulawa komyeni wakhe.
Uthe wamtshela umyeni wakhe ukuthi ababikele amaphoyisa ngalokhu, kodwa umyeni wakhe wamchitha ngokuthi kuzodlula.
Ngosuku lwesehlo, ingoduso ithe babephuma ekhaya behambisa izingane esikoleni, umyeni wayenezingane emotweni yena elandela ngemuva.
UKHUNGATHEKILE umndeni ngemva kokuthi umakoti ebaleke nomfowabo kamkhwenyana ngosuku lomshado, eNquthu.
Umbuzo:MAGUMEDE, ngicela ungisize dadewethu ungibonise. Ngingowesilisa oshadelwe ngowesifazane engamfica enengane kwenye indawo kodwa ngenxa yothando ngamlobola. Ingane ibihlala ekhaya kubo ngenxa yokuthi ubaba wayo akazange ahlawule futhi omalume bayo banqaba uma ngithi umakoti wami akeze nayo ekhaya.
"Ngangivala umnyango wegalaji ngesikhathi kufika imoto ipaka eduze kweyethu, inabasolwa abane phakathi. Ngezwa beyalela umyeni wami ukuba aphakamise izandla, ngaleso sikhathi wayezincengela kulaba bantu ethi mabangamenzakalisi phambi kwezingane, kodwa kwacaca ukuthi abayizwa leyo," kusho yena.
Abasolwa badubula umufi amahlandla ayisishiyagalombili kanti imoto yakhe eyi-double cab yasala izimbobombobo yizihlamvu.
UNksz Zwane uthe namanje usathuthumela futhi isithombe sokubulawa komyeni wakhe phambi kwakhe ngaleya ndlela asidluli kuyena.
Umakhelwane owayekhona kwenzeka lokhu wazama ukujaha abasolwa ngemoto yakhe kodwa wangabafica.
UMkhize waphuthunyiswa emtholampilo waKwaDabeka, lapho afike waphelela khona.
UNksz Zwane uthe okwenzekile akubaniki ukuphumula njengoba kungacaci ukuthi umyeni wakhe uhlaselwa nje, bekwenzenjani.
"Ukungabibikho kolwazi ngababulali nenhloso yokubulawa kwakhe, yikona okwenza ngisabe ukuhlala lana nezingane ngoba asazi noma bazobuya yini laba bantu," kuqhuba yena.
Okunye okuvelile wukuthi bese kunesikhathi eside elandelwa umufi yile moto okuthiwa yayihamba abasolwa.
Umufi ufihlwe ngempelasonto kwaSwayimane.
Umndeni uthe kuvulwe icala lokubulala emaphoyiseni asePinetown.
Isolezwe lizamile ukuthola ukuphawula kwamaphoyisa, kodwa kushaye isikhathi sokushicilela engakaphenduli.