Izindaba

Uxoshiwe umfundisi osindisiwe ohlabele amadlozi

Nkosikhona Cele|Published

Uxoshiwe umfundisi osindisiwe ohlabele amadlozi Isithombe: Armand Hough / African News Agency(ANA)

USESABISA ngokuveza abanye abasindisiwe abahlabela amadlozi umfundisi osindisiwe oxoshwe ngamakholwa emsola ngokuhlabela amadlozi isinyelela ebandleni labasindisiwe, iJesus Christ Fellowship, eStanger.

UMfu Zamani Khuzwayo (48) uxoshwe ngamakholwa abewahola emsola ngokukhomba indlela aphinde ajike. Athi ayibandla elingakholelwa ekuhlabeleni amadlozi kodwa athole ukuthi uKhuzwayo uhlale enza imisebenzi yokuhlabela amadlozi.

Ngokuthola ngeSolezwe Ngempelasonto, uKhuzwayo uxoshwa nje, kuvela ukuthi emasontweni amabili edlule, ubekade enze umsebenzi wamadlozi emzini wakhe oseMtubatuba.

Kuthiwa akwaziwa ukuthi le ndaba ifinyelele kanjani ezindlebeni zamakholwa.

Kodwa ngosuku afike ngalo ngeSonto, uthe uyangena emnyango kuthiwa amakholwa avele amjikijela ngamakhasi kabhanana amanye emchapha ngenhlamba, kwaba khona elinye ilungu elivele lamthela ngamanzi wamanzi te.

Kuthiwa amakholwa amchazelile ukuthi kungani emcasukele. Ngemuva kwalokho, kuthiwa uKhuzwayo uphume egijima washaya wachitha ngemoto yakhe.

Umthombo okhonza kuleli bandla uthi kubacasulile kakhulu okwenziwe nguKhuzwayo.

“Usihlazile uKhuzwayo...okuyikhona okusicasula kakhulu, sigcine sitholile ukuthi kade aqala ukwenza le nto ayenzayo. Ngamanye amagama, uma ebona thina ubona iziphukuphuku,’’ usho kanjena.

ISolezwe Ngempelasonto likhulume naye uKhuzwayo, wathi into azoyenza ukuthi uzobadalula nabanye abazalwane baleli bandla abahlabela amadlozi.

Uthe ukhonzisa amalungu ebandla alinganiselwa emakhulwini amathathu.

Uthe cishe bafinyelela ku-50 abazalwane aziyo ukuthi bahamba lolu hambo aluhambayo naye isinyelela.

“Into engicasula kakhulu ngaphezulu kwakho konke ukuthi nabazalwane engazi kahle kamhlophe ukuthi bayawahlabela amadlozi nabo bebengithuka. Kusho ukuthi bazitshela ukuthi bahlakaniphile,’’ enengeka.

Uthe yize exoshiwe esontweni kodwa uzoya kuleli sonto efike ababhadlaze ngamagama bonke laba abazifihlile ukuthi nabo bayawahlabela amadlozi.

“Angeke phela! Singadlala abantu benze izinto ebese becabanga ukuthi kuzobanjwa thina kuphela. Nabo bazoxoshwa phela nami bengikuthanda ukukhonza kuleli bandla yize bengizenzela okwakithi eceleni,’’ usho kanjena.

Uveze ukuthi yena kubo ukhuliswe ngezinto zesintu futhi uyise osewalala kobandayo wabe engumelaphi wendabuko.

“Uma ucabanga wena ngingakhohlwa ukuhlabela amadlozi ekubeni ubaba owayengizala wayephatha intelezi,’’ kusho yena.

Nokho uthe ukubanjwa kwakhe kumethule umthwalo njengoba ethe uzovangela aqale ibandla lakhe elikholelwa kulokhu yena akholelwa kukhona.

Unobhala jikelele waleli bandla, uMfu Sithembiso Gwamanda, uthe ayikho into abangayiphawula ngoKhuzwayo ngoba akaselona ilungu lebandla labo.