IPHINI likaMengameli wezwe, uMnuz David Mabuza, lixolisile ngokunqanyulwa kukagesi okwenziwa yi-Eskom lathi isimo siyalungiswa futhi kuzothatha iminyaka emibili.
Amalungu ePhalamende agxeke uhulumeni ngokunqanyulwa kukagesi ethi ngeke akumele lokhu ikakhulukazi ngoba kufakwa enkulu imali e-Eskom.
UMabuza uthe inkinga izolungiswa wathi uma sekusebenza iMedupi kuzoba nogesi owu-2 000 megawatts, okuzothambisa inkinga yokunqanyulwa kukagesi.
“Siyaxolisa ngokunqanyulwa kukagesi, sibhekene nenkinga yezinto ezindala okumele sizilungise njalo. Ngicabanga ukuthi iMedupi izobe isisebenza ekupheleni konyaka,” kusho uMabuza.
Ngakolunye uhlangothi umasipala weTheku uhlela ukuziphehlela ugesi wawo ongahlukumezi imvelo ukulwa nenkinga yesivuvujikelele.
Lezi zindaba zivezwe yiMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, ngesikhathi ethula ngokusemthethweni uhlelo lokulwa nesivuvujikelele, iDurban Climate Action Plan izolo.
UKaunda uthe banezinhlelo zokuziphehlela ugesi wabo ongayilimazi imvelo ngo-2050.
Uveze ukuthi iTheku lizokwehlisa isisi esilimaza imvelo ngo-40% ngo-2030, lesi sibalo bahlela ukusinyusa sifike ku-80% ngo-2050.
Isisi esilimaza imvelo kuhlale kukhalwa ngaso ukuthi sigqobhoza untwentwesi oluvikela umhlaba elangeni nokunye okusemkhathini.
“Sizothuthukisa nezokuthutha zibe sesimeni samanje, kube namabhasi nezimoto zikagesi. Lokhu kuzokwenza ukuthi * -50% wabantu abahlala eThekwini bahambe ngezokuthutha zomphakathi,” kusho uKaunda.
Uthe baqalile uhlelo lokusebenzisa ugesi welanga nokuvikela imvelo.
UMabuza ubuye wathi abadle imali yezinto zokuzivikela kwiCovid-19 kumele bashushiswe.