USEZANDLENI zodokotela uNgqongqoshe wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhunyaniswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Peggy Nkonyeni, osinde engozini yemoto, izolo.
UNkk Nkonyeni nabaqaphi bakhe baphuthunyiswe esibhedlela emva kokubandakanyeka engozini yemoto emgwaqweni omkhulu oLundi, uR66.
Ngokwesitatimende esikhishwe wuNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, ingozi yenzeke emva kokuthi kuqhume isondo emotweni obekukhona kuyo uNkk Nkonyeni, bebuya emhlanganweni neSilo uMisuzulu kaZwelithini, obekukhona kuwo uZikalala.
Undunankulu uthe yena nomqondisi-jikelele ehhovisi lakhe, uDkt Nonhlanhla Mkhize, yibona abafike kuqala endaweni yesigameko.
“Sifike senza isiqiniseko sokuthi uNkk Nkonyeni nabaqaphi bakhe bathola usizo ngokushesha. Njengamanje, uNkk Nkonyeni uxilongwa ngodokotela. Ubhekile futhi uyezwa yonke into eyenzekayo. Egameni labantu nohulumeni wesifundazwe, ngithanda ukufisela uNkk Nkonyeni nabaqaphi bakhe, ukwelulama okusheshayo.
“Ingozi imthole emva komhlangano ohambe kahle kakhulu lapho besiyofuna khona ukwelulekwa yiSilo ngezindaba ezithinta ukuphathwa kwesifundazwe,” kusho uZikalala.
UNkk Nkonyeni ingozi imthole ebheke eDannhauser, lapho ebeyokwethula khona uhlelo lomnyango lokulungiswa kwemigwaqo.
Lolu hlelo kuhloswe ngalo ukuba kuqashwe intsha engu4000 ukuba ilungise imigwaqo yesifundazwe engekho esimeni.
USihlalo wekomiti elibhekelele ukusebenza koMnyango wezokuThutha esiShayamthetho saKwaZuluNatal, uMnuz Sibonelo Mtshali, nguyena ogcine esethula lolu hlelo njengoba uNkk Nkonyeni, engakwazanga ukufika.