USAKHUNGATHEKILE umphakathi waseSection 6 eMadadeni ngemuva kokubulawa kwabaqaphi ababili eshisanyama eKhazins Butchery ngeSonto.
Abaqaphi kusolakala ukuthi badutshulwe owesilisa ojwayele ukuya kule ndawo yokuzithokozisa ngemuva kwengxabano.
Umsolwa kuthiwa uqale waxabana nabaqaphi kwaba sengathi ingxabano yabo iyaxazululeka kanti uzohamba abuye esephethe isibhamu esezobadubula bashonela endaweni yesehlakalo.
Umqaphi wesithathu osindile kuthiwa ungeniswe esibhedlela ngemuva kokudubuleka.
Umsolwa kuthiwa ubanjwe ngabanye abebezozithokisa kule ndawo ngemuva kokudubula abaqaphi. Kuthiwa wazama ukudubula ababemjaha kodwa kwangashayeka muntu wagcina esephelelwe yizinhlamvu wabe eseyabanjwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, usiqinisekisile lesi sehlakalo wathi amaphoyisa aphenya amacala amathathu, amabili okubulala nelilodwa lokuzama ukubulala.
UMbele uthe umsolwa kulindeleke ukuthi avele enkantolo namhlanje.
Amalungu omphakathi aphawulile ezinkundleni zokuxhumana lapho ezwakalise ukukhathazeka kwawo ngokungaphephi kwendawo yaseMadadeni njengoba ekhala ngokuthi ziyanda izigameko zokuchitheka kwegazi.
UMnuz Themba Motloung uthe kubuhlungu ukubona abantu abamnyama bebulalana bodwa.
Uthe umbulali bekumele acabange enye indlela yokukhombisa intukuthelo yakhe kunokuthi abulale abantu.
UMnuz Sipho Magutshwa uthe umthetho kumele usebenze, umsolwa ajeziswe ngesenzo sakhe.
UMnuz Sanele Mbatha uthe kumele kukhulekelwe ukuthi abantu babuyelwe onembeza nobuntu eNewcastle.
“I-Newcastle, ikakhulukazi eMadadeni, ayisaphephile asazi ukuthi konakelephi kungakuhle kube nomkhuleko,” kusho uMbatha.
UNksz Zinhle Ngobese uthe abasakwazi ukuhlala ngokukhululeka endaweni yabo ngenxa yokwanda kwabantu ababulawayo.
“Indawo yethu ayisaphephile, umuntu usehamba ethukile ngoba akazi ukuthi uzovelelwa yini,” kusho uNksz Ngobese.
UNksz Lerato Ledwaba usole ukudlanga kokusetshenziswa kwezidakamizwa njengembangela yokunyuka kwezinga lobugebengu eNewcastle.
“Sekuyasabisa ngisho nokuhlangana nomuntu owawufunda naye esikoleni ngoba abanye sebebamba inkunzi,” kusho uNksz Ledwaba.