Murder-accused Zinhle Maditla in the dock inside the Witbank Magistrate’s Court in Mpumalanga. PHOTO: ANA Reporter
UNINA wezingane ezine, azibulala ngokuzidlisa umuthi wokubulala amagundane, uvume amacala amane okubulala.

UNksz Zinhle Maditla, waseMpumalanga, uvume amacala amane okubulala izingane zakhe izolo eNkantolo eNkulu eMiddelburg.

Ummeli wakhe, efunda isitatimende sokuvuma icala, uthe uNksz Maditla wawudla lo muthi ezama ukuzibulala. Unxuse inkantolo ukuba imzwele.

Esitatimendeni sakhe avume kuso icala uthe wathola uyise wezingane zakhe enomunye wesifazane.

Uthe waphatheka kabuhlungu kwathi esetekisini wabona owayedayisa umuthi wokubulala amagundane wawuthenga ngoR10 ngenhloso yokuzibulala yena nezingane zakhe. Icala lizoqhubeka namhlanje njengoba kulindeleke ukuba afakaze ukuze athole isigwebo esingcono.

UMbuso nawo kulindeleke ulethe abazofakaza ukuqinisa icala ukuze athole isigwebo esifanele amacala akhe.

Khonamanjalo uNicholas Ninow, izolo uzivumele icala lokudlwengula intombazane eneminyaka eyisikhombisa. Le ntombazanyana yadlwengulwa isethoyilethi lendawo yokudla eDros, eSilverton, ePitoli.

UNinow uvume icala lokudlwengula, elokutholakala nezidakamizwa nelokuphazamisa ukusebenza komthetho.

Icala ulivume eNkantolo eNkulu yasePitoli. Uliphikile icala lokushaya.

Kuthiwa le ntombazanyana yamfica ethoyilethi labesifazane edla izidakamizwa, enqunu ifuna uzikhulula.

Unina wentombazane wabamba umdlwenguli oqotsheni edlwengula indodakazi yakhe. Abesifazane be-ANCWL bebengaphandle kwenkantolo bebhikisha. Kulindeleke ukuba agwetshwe maduze.