UVULELWE icala uthisha kaGrade 1 esikoleni esisePhoenix osolwa ngokuncinza nokushaya ngempama umfundi (7) abemsola ngokukopela.
Lo mfundi ungomunye wabangu-46 000 esifundeni saseThekwini abashaywe ngothisha, ngokombiko ohlanganiswe yiStatistics SA. Lo mbiko ka-2019 kulindeleke ukuthi ukhishwe ngo-2020. Izikole ezikulesi sifunda zibalwe nezihamba phambili ekushayweni kwabafundi yize kwavalwa eminyakeni engaphezu kuka-20 eyedlule lokhu.
Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Thulani Zwane uthe kusolakala ukuthi lo mfundi wasePhoenix ushaywe ekilasini uyise wabe esevula icala. Uyise kamgilwa uthe isigameko senzeka ngo-Septhemba 5 ngemuva kokubanjwa okwesibili ekopela. Ngayizolo umgilwa wamiswa ngaphambi kwekilasi ihora ngemuva kokukopela okokuqala.
"Ngiye esikoleni ngoSepthemba 6 ngaqonda kuthishanhloko. Ngicele ukubona iphepha lesivivinyo ukuze ngibone ukuthi indodakazi yami yabe ikopelile yini. Impendulo yabo yathi akuzona zonke izimpendulo ezikotsheliwe benqaba ukungikhombisa iphepha. Uthishanhloko wathi uthisha uyaxolisa kakhulu ngokwenzekile. Ngacela incwadi ebhaliwe yokuxolisa, kodwa ngatshelwa ukuthi angeke ngikwazi ukuyithola. Ngabe sengiya esiteshini samaphoyisa sasePhoenix ukuyovula icala," kusho uyise kamgilwa.
Uyise uthi, ngeSonto eledlule kwafika omunye wabasebenzi basesikoleni ezomcela ukuthi esule icala ngoba lizophoqa umsolwa ukuthi esule ngaphambi kwesikhathi emsebenzini.
OKhulumela uMnyango wezeMfundo uMnuz Kwazi Mthethwa uthe: "Asibajezisi abafundi. Sinesifundo iLife Orientation, ebheke ukuziphatha kwabafundi ngokuxoxa nabo ngomthetho wesikole."
Ebuzwa ngezikole ezisebenzisa isijeziso sokugcina abafundi esikoleni uma sekuphuma isikole (detention) uMthethwa uthe, lokhu kulele kumthetho wesikole ngasinye. Ngo-Okthoba nyakenye iDaily News yabika ukuthi uthisha waseThekwini wabonwa kwivideo eshaya abafundi ababili. Lo thisha weBanga-11 wayezwakala ebala amagama abafundi abangalingenanga ikilasi lokuphuma kwesikole eliqala ngo-03h00 ntambama. Wabe esebonakala ephakamisa ipayipi elide elizacile eshaya umfundi wesilisa nowesifazane ngaphambi kokuthi ivideo iphele. Ngo-Julayi, iGroundUp yabika ukuthi umsebenzi ophezulu wasePietermaritzburg High School wabanjwa yikhamera eshaya abafundi ababefike ngemuva kwesikhathi esikoleni. UMthethwa uthe, izinyathelo zokuqondiswa kwezigwegwe zathathwa kuzona zonke izigameko ezabikwa emnyangweni.
UMengameli weSA Principal Association KZN uMnuz Linda Shezi uthe, abafundi kufanele bahloniphe imithetho ebhalwe kumthethomgomo wezikole, kanti futhi kufanele umnyango ungenelele uma isikole sesizame konke ukuqondisa izigwegwe kepha abafundi besaqhubeka nokungaziphathi kahle.