Izindaba

Uvule icala umfundisi obizwe ngomdlwenguli

Bongiwe Zuma|Published

UMFUNDISI Norman Mkhize osevule icala ngokudicilelwa kwesithunzi sakhe enkundleni yokuxhumana iTwitter emuva kokuthi kuthiwe uyadlwengula UMFUNDISI Norman Mkhize osevule icala ngokudicilelwa kwesithunzi sakhe enkundleni yokuxhumana iTwitter emuva kokuthi kuthiwe uyadlwengula

USEVULE icala umfundisi omkhulu webandla lasezayoni eMgungundlovu okuthiwa uyadlwengula ezinkundleni zokuxhumana.

Igama loMnuz Norman Mkhize (66) oyiPhini likaMengameli weNyonini Zion Church nongumnikazi wesikole sokufundisa ukushayela iNorman's Driving School, liphakathi kwalawo asekhasini leTwitter, iDurban Survivors. Indodana yakhe ebone lokho iyona emkhombisile ngoMsombuluko.

Okumphatha kabi kakhulu wukuthi akanawo ngisho uTwitter uthole ngendodana yakhe nayo ethuke izithela kulokhu.

Owesifazane obhale lokhu igama lakhe elifihliwe, uchaze uMkhize njengomfundisi wezinsuku zokugcina osebenzisa inkolo ukufihla imikhuba yakhe.

Uchaze uMkhize wathi mdala ngokwanele ukuba nguyise futhi namadodana akhe wayefunda nawo emancane kunawo.

Uthe uyaqhubeka nokuhlukumezeka ngoba uMkhize umbona cishe zonke izinsuku ehhovisi asebenza kulo kodwa uvele enze sengathi akwenzekanga lutho. “Umdlwenguli ocashe ngesikhundla sokuba yindoda ehloniphekile,” kusho umbhalo.

UMkhize uthe lokhu kuzohlukumeza abantu abaningi abangakaze badlwengule muntu.

“Nginezingane ezintathu nenkosikazi, selokhu ngazalwa angikakaze ngihlukumeze umuntu wesifazane.

Ngifuna labo abathi ngabadlwengula noma abazi abantu engabadlwengula baphumele obala bangibophe.

Ngiyazinikela kubo abavele namacala bawavule kube yinkantolo ezothatha isinqumo,” kusho uMkhize.

Uthe lokhu kusabalala kwezinsolo kubeka impilo yakhe engozini ngoba kunabazali abamethembayo ngezingane zabo.

“Angisona isigebengu, ngihlala ngikhuluma nase msakazweni nginikela nakubantu. Ngisiza izingane eziningi nezamantombazane kodwa uma sekubhalwa kanje ngegama lami ngizoba mubi kubantu. Ngingenza noma yini ukukhombisa abantu ukuthi angiyena umdlwenguli.

Ebandleni engisonta kulo ngiyaziwa angikakaze ngiboshwe nangelilodwa ilanga,” kusho uMkhize.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant-Colonel Thulani Zwane, uthe kuvulwe icala lokudicilela phansi isithunzi. Amaphoyisa asaphenya.