UKWAKHIWA kwezakhiwo ezintsha endaweni yangakubo kumvulele ithuba lokuthi angene emkhakheni webhizinisi okujwayeleke ukuthi lenziwa amadoda.
UNkk Jennifer Cele, waseMargate, weFezela Protection Services, uthe ngo-2016 kwakunezakhiwo eziningi ezakhiwa endaweni yangakubo futhi zazingagadwa muntu.
“Uma ungusomabhizinisi uhlale uvule amehlo ubheke ukuthi yiliphi elinye ithuba eliqhamukayo. Ngabona ukuthi lezi zakhiwo azigadwa, ngavula inkampani yonogada, ngaphuma ngingena ngifuna umsebenzi wokugada. Kwesinye isikhathi bengingalindi nokuthi kuze kuphele isakhiwo bengifaka isicelo sokuthi ngiqale ngesikhathi kusakhiwa,” kusho yena.
UNkk Cele uthe ukhulele emndenini onamabhizinisi, okuyizitolo nebhodlela-sitolo, abhekwe nguye ngoba abazali bakhe sebashona.
“Kimina bekungenele ukuthi ngikhulise ibhizinisi elishiywe ngabazali bami, nami benginesifiso sokuthi ngiziqalele elami kusuka phansi ukuze ngazi ukuthi yiziphi izinselelo obhekana nazo. Ngithe ngisafunda izifundo zami zeMarketing, ithuba laqhamuka ngangabe ngisaliyeka, ngavula inkampani yonogada,” kusho yena.
Uthe yize ezishaya isifuba ngokuthi uyivulile inkampani futhi nemisebenzi uyayithola kodwa kusekuningi okumele akufunde kulo mkhakha ukuze aqashe abantu abaningi abanekhono lokugada abahleli emakhaya.
“Noma yiliphi ibhizinisi kumele uliqonde kangcono ngaphambi kokuthi wenze ushintsho noma ulikhulise. Njengamanje ngisazithuthukisa mina ngokufunda ukuze ngithuthukise leli bhizinisi namanye.
UNkk Cele uthe ubambisene nomyeni wakhe uMnuz Mxolisi Cele oyimenenja kuleli bhizinisi. Uthe wamenza waba yimenenja ukuze ahlale ebheke wonke umsebenzi owenzeka kuleli bhizinisi yena awengamele wonke.
“Uma sisemsebenzini ubaba uyakuqonda ukuthi ngiwubasi wakhe, ngidinga anginike umbiko wakho konke okwenzekile ngesikhathi esivumelene ngaso. Ngiyadinga ukuthi angazise ngezinqumo ezinqala azithathile. Lokhu kuyashintsha uma sesifike ekhaya, mina ngiba umama yena abe ngubaba. Akwenzeki ngizibone sengiwumqashi ngifune ukulawula. Kule minyaka emibili sisebenza ndawonye sisebenza kahle futhi angiboni ukuthi kukhona okuzoshintsha.
“Ngangingafuni ukuthi ngibambe zonke izikhundla ebe yena ekhona ewumsizi wami kodwa lokho ubengeke futhi akwenze njengobaba kumele aqashwe, abe yisisebenzi khona ezokwazi ukuthi usebenza nini futhi uphumula nini,” kusho uNkk Cele.