ILUNGU le-ANC eladuma ngokulwela amalungelo abafundi, uNksz Sizophila (Sizo) Mkhize, lithi ngeke lishintshe indlela yokugqoka ukuze lijabulise abadala be-ANC emuva kokuthi liqale lavinjwa emhlanganweni wenhlangano ngeSonto ngoba kuthiwa ingubo eliyigqokile iveza izinqe.
Noma egcine engenile emhlanganweni, uNksz Mkhize uthe kumcasulile okwenzekile ngoba ngeSonto ubeye emhlanganweni weNational Executive Council (NEC), ose-Irene, ePitoli, kodwa wamiswa kwathiwa akakwazi ukungena.
“Ngithe uma ngingena emnyango umuntu osebenza ehhovisi likaNobhala Jikelele wangimisa wangitshela ukuthi angihambe ngiyobhinca ihiya ngoba abantu abadala abayithandi indlela engigqoke ngayo. Ngitshelwe ukuthi ngigqoke ingubo emfishane kwaze kwabizwa owesifazane osebenza ehhovisi likamengameli ukuthi azongichazela ukuthi angikwazi ukungena,” kusho uNksz Mkhize.
Owesifazane osebenza ehhovisi likamengameli uthe: “Inkinga ume kahle kodwa le ngubo ikukhipha izinqe. Manje bazokhala, bangithethise ngokuthi ngikuvumela kanjani ukuthi ungene ugqoke le ngubo,”
Uthe ngeke ayishintshe indlela agqoka ngayo futhi akabafuni abantu bambuke ngamehlo enkanuko.
“Ngigcine ngingenile emhlanganweni emuva kokuzilwela. Ngeke ngiyishintshe indlela engigqoka ngayo ukujabulisa abathile. Ngingenile emhlanganweni futhi uNobhala Jikelele nePhini lakhe baxolisile kimi,” kusho uNksz Mkhize.
UMnuz Pule Mabe, ophethe ezokuxhumana kwi-ANC kuzwelonke, uthe isilungisiwe indaba kaNksz Mkhize. I-ANC ayinawo umthetho olawula indlela yokugqoka.