Ingane eneminyaka engu-12 ubudala ivele enkantolo yeMantshi eBrakpan phambi kweso lomqaphi wayo, ibhekene necala lokubulala ngokungenhloso kanye nokushayela imoto ngaphandle kwelayisensi.
Ngomhlaka-7 Juni 2025 ngabo-13H00, le ngane engummangalelwa yayishayela imoto yabazali bayo yohlobo lweMazda iwelela ekhoneni likaMadeley noNorthdene Street, eBrakpan, ngesikhathi ishayisa umfana, 14, imoto yaphaphalaza yashayisa udonga lomuzi.
Umfana, 14, ushonele khona lapho. Ummangalelwa oneminyaka engu-12 ubudala wabe eseyiswa emaphoyiseni aseBrakpan futhi ngokuhamba kwesikhathi wadedelwa ngaphansi kweso labazali bakhe ngomhlaka-8 Juni 2025.
Enkantolo, icala lihlehliselwe umhla ka-28 ku-Agasti 2025 ukuze kuhlaziywe ubungako nesisindo secala.