Izindaba

Uvelile owesifazane osolwa ngelokubulala umshayeli wetekisi enkantolo

Nonkululeko Nhlapo|Published

Lo wesifazane okukholakala ukuthi nguye ungqondongqondo kwelokubulawa kukasomatekisi phakathi enkantolo yaseWynberg uvele kancane kuyo leyo nkantolo ngoMsombuluko.

Image: Armand Hough / Independent Newspapers

UShireen Mathews (35) uvele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseWynberg ngecala lokubulala indoda eneminyaka engu-50 ubudala engumshayeli wetekisi emaphaseji lasenkantolo ngeledlule.

UMbuso utshele inkantolo ukuthi uMathews usolwa ngokunxenxa iqembu lezigelekeqe iJunky Funky Kids ukuthi libulale isisulu eziphindiselela kwelinye icala lokubulala.

UKhomishana wamaphoyisa osabambile esifundazweni, uBongani Maqashalala, uthe ngoMsombuluko ekuseni amaphoyisa abophe omunye oyamaniswa nalo leli cala lokubulala.

"Besiqhuba uphenyo ubusuku nemini kusukela ngelanga lesigameko. NgoMsombuluko ekuseni, sibophe umsolwa wesibili, kanti lo muntu usaphekwa ngemibuzo. Futhi, sesihlonze abanye abantu abane ngalo leli cala."

Icala lizobuyela enkantolo futhi ngomhla ka-23 kwephezulu.