UVELILE eNkantolo yeMantshi KwaDukuza ngoLwesine osolwa ngokubulala umngani wakhe.
USibusiso Dube (31) watholakala endlini kamngani wakhe ngoLwesibili olwedlule enamanxeba okugwazwa ekhanda nasentanyeni.
Uninalume, uMnuz Walter Ntuli, uthe kwafika umngani kaSibusiso ehamba nabafana ababili wamcela ukuthi amphelezele aye kubo ngasesiteshini.
“Basala endleleni kwathi uSibusiso nomsolwa bangena endlini. Akabange esabuyela naye kubangani babo. Ngokuhamba kwesikhathi siqale ukukhathazeka sibona engasabuyi,” kuchaza uNtuli.
Uthe ngezikhathi zantambama umphakathi waqhamuka nombono wokuthi akuhanjwe kuyogqekezwa endlini yomsolwa ukuze kubhekwe uSibusiso.
“Sithe sisazama imizamo yokungena endlini, kwaqhamuka amaphoyisa asibikela ukuthi umsolwa uzinikele yena esiteshini samaphoyisa KwaDukuza.
“Amaphoyisa abe esesitshela ukuthi ufike wazibika ukuthi ubulale umuntu,” kuchaza yena.
Uthe isizathu salokhu okwenzekile abasazi kodwa uyasola ukuthi ubembambele igqubu lokuthi uke waba ngufakazi ecaleni elalimthinta (umsolwa) phambilini.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe bayakuqinisekisa ukuthi owesilisa oneminyaka engu-35 waboshwa ngamaphoyisa aKwaDukuza ngoMeyi 6, 2022.
Uthe amaphoyisa aseGledhow, KwaDukuza, athola umbiko ngecala lokubulala.
“Ngesikhathi efika endaweni yesigameko akhonjiswa isidumbu sowesilisa esasinamanxeba amaningi okugwazwa emzimbeni, ekhanda nasentanyeni,” kuchaza uGwala.
Uthe kwavulwa icala lokubulala, kwaboshwa umsolwa.