UVELA namhlanje eNkantolo yeMantshi yaseMnambithi owesifazane othinteka ecaleni lokushushumbisa nokudlwengulwa kwendodakazi yakhe eneminyaka engu-15.
Lo msolwa kuthiwa akabikanga ngokuhlukunyezwa kwendodakazi yakhe kodwa wathatha imali enguR100 kosolwa ngokuyidlwengula, anika indodakazi yakhe ukuze ingabiki ngokuyehlele.
Kuthiwa lona owesifazane wahlelela indodakazi yakhe ukuthi iyovakashela isihlobo somndeni wabo eGoli ngoDisemba 1 nyakenye. Kubikwa ukuthi watshelwa ukuthi lesi sihlobo sizothengela indodakazi yakhe izimpahla zokugqoka, iselula bese siyifaka izinyo legolide.
Emuva kokuthi umgilwa efike eGoli nesihlobo sakhe, wethulwa kubalisa abaziwa yisihlobo somndeni wakhe. Omunye walaba balisa nowayekhuluma ulimi lwabantu abaqhamuka emazweni angaphandle, kubikwa ukuthi wadlwengula le ntombazane ubusuku bonke wabe esebuyisela endlini yesihlobo sayo.
Kuthe uma le ntombazane isishiywa endlini yesihlobo, yabona isihlobo sithatha imali kulo mlisa maqede sayoyibala. Umgilwa kubikwa ukuthi wasizwa ngamantombazane amabili amaziyo ukuthi ungowaseMatiwaneskop nabuyela naye kubo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe umsolwa oqale waba novalo lokwazisa amaphoyisa ngesehlo esimehlele ugcine elivulile icala.
“Kuvulwe icala lokushushumbisa nelokudlwengula, esiteshini samaphoyisa ase-Elandslagte. Umkhondo wophenyo ukhombe unina kamgilwa oneminyaka engu-53 noboshwe ngoLwesithathu,” kusho uCol Mbele.
Unina wale ntombazane uboshwe esemzini wakhe ngoLwesithathu.