USEZIKHINDINI owesilisa waseThembeni, KwaDukuza, osolwa ngokuyobula intombi nge-acid emzimbeni, yasala isesimeni esibucayi kubangwa izindaba zababili.
Umthombo weSolezwe ngeSonto ongalali nendaba ungayipotshozanga, uthi amaphoyisa aKwaDukuza adle ngozankosi uMnuz Lukhanyo Manene (28), emuva kokuthi ethele umgilwa nge-acid kungaziwa babanga ini.
Umgilwa kumanje okuthandazelwa ukuthi alulame, kuthiwa uneminyaka engu-32 ubudala. Kuthiwa umsolwa uthathe umgilwa ngemoto behilizisana kanti ufihle i-acid wase emthela ngayo emsabisa nangokumusa kwagoqanyawo.
Kuthiwa umsolwa ubekhombisa enkulu intukuthelo ngesikhathi ehilizisana nalo ahlekisana naye kodwa ingonyuluka yengxabano ayiveli.
Kuvela ukuthi umgilwa usesimeni esibi ngoba uphume imoto ihamba waze wephuka umlenze phezu kweminjunju yokuthelwa nge-acid. Kuthiwa ubethuthumela ekhala ubumayemaye ngenxa yobuhlungu abuzwiswe yisinqandamathe sakhe.
Kuthiwa umgilwa ubesola ukuthi njengoba imoto ishosholoza kuyacaca ukuthi umsolwa uyomenza isilo sengubo lapho amusa khona. Umthombo uthi wudaba olushiye abaningi bebikelana, beshaqekile ukuthi kwenzenjani kumsolwa?
Leli phephandaba lithole ukuthi umsolwa uke wavela eNkantolo yeMantshi KwaDukuza kodwa wabuyiselwa esitokisini ngoba udaba lwakhe lusazosetshenzwa. Kusazokhulunywa nodaba lokuthi afake isicelo sebheyili.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, ukuqinisekisile ukuthi umsolwa usezandleni zabakwasidlodlo. “Umgilwa uma elanda indaba, uthi uthelwe nge-acid emzimbeni wumsolwa amaziyo kodwa ukwazile ukuphunyula wayolashwa abezempilo. Umsolwa uboshwe ngamaphoyisa aKwaDukuza ngecala lokuzama ukubulala, wavela enkantolo kodwa udaba lwahlehla, uzobuyela khona kusasa (namhlanje),’’ kusho uCol Mbele.