BAHLALELE ovalweni abemboni yamatekisi nomphakathi waseMuden, ngaphandle kwaseGreytown, emuva kokudutshulwa kukasomatekisi kade esemzini wakhe.
UMnuz Elisha Langa, uhlaselwe ngoMgqibelo abantu abangaziwa, phambi kwezingane nonkosikazi wakhe.
Umthombo weSolezwe ocele ukungadalulwa, uthe kusolwa udlame lwamatekisi ngokuhlaselwa kwakhe.
“Yize isizathu sokuhlaselwa kwakhe singakaziwa kodwa kusolwa udaba lwamatekisi. Lokhu kubulawa kwakhe ngale ndlela kuwethusile umphakathi nabasematekekisini,” kusho umthombo.
Kuthintwa usihlalo walo soseshini, ucingo belukhala lungabanjwa.
Kwenzeka lokhu nje, ngoLwesihlanu eNanda, amaphoyisa adubule izinkabi ezintathu ebezihlasele itekisi kwalimala abagibeli. KwaNongoma kuhlaselwe umndeni wakwaNkosi, kwabulawa ababili ngeledlule.
Imenenja ehhovisini leSantaco eKZN, uMnuz Sfiso Shangase, unxuse uzinzo embonini yamatekisi, wagxeka nokubulawa kwabantu.
“Siyimboni yamatekisi sithanda ukukhalisana nomndeni, sidlulise namazwi okuthi indaba yokubulalana kwabasembonini isiqale phansi futhi sikhathazekile. Kulo nyaka kuzokhethwa ubuholi obusha, nokungenzeka ukuthi kunomthelela ekuhlaselweni kwabantu. Siyanxusa uma kukhona ukungaboni ngaso linye kuboniswane,” kusho uShangase.
Khonamanjalo, izolo kutholwe isidumbu sowesilisa sikhandwe ngamatshe sashiswa eWelbedacht, ngaseThekwini. Isolezwe lithole ukuthi umufi ulandwe abantu abangaziwa esendlini yakhe, nonina wezingane.
Kuthiwa abasolwa bamfune uR20 000 abathe wathathwa umfowabo. Umufi babe sebehamba naye. Utholwe izolo ekuseni esebulewe. Izolo, Isolezwe lishayele ucingo unina wezingane zikamufi, wathi basesendaweni yesigameko ngakho akakwazi ukukhuluma ngalolu daba.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe usafonela iziteshi ekubikwe kuzo izigameko.