Kukhalwa ngenkinga yokuphela kwamanzi ejele iWestville eThekwini osekungenele esontweni lesibili
Image: Sigciniwe
KUQUBUKE ingebhe yokuthi kungase kubheduke izifo ejele iWestville, eThekwini, kulandela ukuphela kwamanzi.
Sibi isimo kuleli jele njengoba sekuphele isonto amanzi engabonwa. Ngokusho kwemithombo emibili engaphakathi eWestville, sekuyoqala isonto lesibili, amanzi engaphumi kompompi baleli jele.
Umthombo wokuqala uthe banesikhalo ngalesi simo esibeka impilo yojele neyeziboshwa engcupheni.
"Sikhathazekile ngalesi simo, isihlobo sami sivalelwe kuleli jele, silinde ukuqulwa kwecala laso. Leli jele livele linenkinga yokugcwala ngokweqile kweziboshwa, ezimpintshana esitokisini esisodwa. Njengoba sekuphele isonto lonke amanzi engabonwa, lokho kuyakhathaza kakhulu," kusho umthombo.
Uthe okubamangazayo ukuthi indawo yomntakabani, iWestville, leli jele elakhiwe eduze kwayo, ayize ingaba nenkinga yamanzi isikhathi eside kanje.
"Sikhuluma nje bona banawo amanzi. Kuyaxaka ukuthi ijele lona lodwa kule ndawo okuthiwa alinamanzi," kusho umthombo.
Umthombo wesibili ongujele, uthe ngesikhathi bebuza ukuthi konakelephi, batshelwe ukuthi kukhona i-pump engasebenzi.
"Ukulungiswa kwayo kubanjezelwa nawukuthi sekwashintsha indlela yokusebenza uma kunezinkinga ezifuze lezi emajele. Sekulindeleke ukuthi kuqalwe kutholwe imvume kungqongqoshe womnyango ezingeni likazwelonke, ngaphambi kokuthi nkinga iqale ilungiswe," kusho umthombo.
Uqhube wathi yinhlekelele yodwa le eyenzeka kuleli jele njengoba ibeka engcupheni impilo yenqwaba yeziboshwa nojele.
"Siyafisa ukusizakala masinyane, kungenjalo, kuzogula inqwaba yabantu," kusho umthombo. Isolezwe lithole ukuthi akhona amaloli amanzi awalethayo nsukuzonke, yize engeneli kwazise leli jele likhulu.
Kubukeka inkinga yokufa kwama-pump maqede aphuze ukulungiswa, isithanda ukwejwayeleka emajele akulesi sifundazwe.
NgoFebhuwari, kulo nyaka, kwenzeke isimo esifanayo ejele laseNcome njengoba kuze kwaphela inyanga ijele lingenamanzi. Nakhona kwabikwa ukuthi kwakulimele yona i-pump.
Ngaleso sikhathi Isolezwe lathola umbiko othi iziboshwa seziphila ngokuthi zeqise izinsuku zokugeza ngenxa kokwentuleka kwamanzi.
Kwavela nokuthi ezinye zazo sezinokugula okubalwa kukho i-cholera kanjalo notwayi.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela ungakaphenduli uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo.
Related Topics: