KUPHITHENE amakhanda kumalungu eqembu lomculo wokholo, iThimba le Africa Musical Group, beshiselwa itekisi labo abasebenza ngalo eMlaza.
Ilungu leqembu uMnuz Mzwakhe Dlamini uthe ubuye ngeSonto ngo-9 ebusuku eqeda ukuhambisa omunye uzakwakhe acula naye eqenjini wayopaka itekisi kamakhelwane esigcemeni sakwa-U lapho alipaka khona.
"Ngesikhathi ngibuya ebusuku ngipake itekisi lethu kamakhelwane lapho ngilipaka khona ngenxa yokuhlala ngaphezulu lapho lingakwazi ukungena khona. Ngithe ngisalele ngavuswa omunye umakhelwane engqongqoza ethi itekisi liyasha. Ngibe sengiphuthuma ezansi kamakhelwane ngafica kugcwele abantu bezama ukucisha umlilo," kusho uDlamini.
UDlamini uthe ube eselekelela ukuzama ukucisha umlilo wafonela amaphoyisa nabezicishamlilo nokuthe uma befika babona ukuthi umlilo wokhelwe emasondweni womane wavutha wabheka phezulu.
"Amasondo amathathu ashe angqongqa kwasala elilodwa esisola ukuthi aliwubambanga kahle umlilo lase licisha. Umakhelwane ongivusile ubebuya eMpumalanga wazithela kwitekisi lisha emzini walo makhelwane engipaka kuye," kusho yena.
UDlamini uthe, okumkhathaza kakhulu ukuthi umshwalense wayo itekisi bawucisha ngoba wasewubiza kakhulu, kanti okunye okubakhathazayo ukuthi isigameko senzeke ebusuku abantu belele nokwenza kube nzima ukuthola umkhondo wokuthi kungabe wubani owenze lokhu.
"Besinezinhlelo ezinkulu siyiqembu. Njengoba sisanda kuwina indondo, besihlele ukwenza umkhuleko wokubonga unkulunkulu ngokuwina kwethu indondo nangempumelelo yethu. Okunye ebesihlele ukukwenza ukuya estudiyo siyoqopha i-albhamu yethu entsha," kusho yena.
Uthe bawabikelile amaphoyisa ngalolu daba afika ezophenya kodwa ubengakayitholi inombolo yokuvulwa kwecala.