AMAPHOYISA abehlaziya indawo yesigameko ngemuva kokudutshulwa kosolwa ngokunquma ababili ethempelini lama-Muslim ngoLwesine. Isithombe: Henk Kruger/ANA/African News Agency
SISHUBILE isimo kwabenkolo ye-Islam ngemuva kokuhlaselwa kwelinye ithempeli lamaMuslim kwabulawa ababili abanye balimala ngoLwesine ekuseni eMalmesbury, eWestern Cape.

Umsolwa oyedwa udutshulwe amaphoyisa endaweni yesigameko kanti amaphoyisa aveze nokuthi lolu daba seludluliselwe koKlebe. 

Lesi sigameko silandela esinye esifana naso esenzeke eVerulam KwaZulu-Natal kanti nakhona kwanqunywa abantu ababili ababethandaza. Ngemuva kwalesi sigameko oKlebe bathola isiqhumane kulo leli bandla. 

Kwenzeka lokhu nje isiyaphela inyanga yama-Muslim kaRamadan. 
Okhulumela amaphoyisa aseWestern Cape uLieutenant Colonel Andrè Traut, uthe amaphoyisa aseMalmesbury abizelwe endaweni yesigameko ekuseni ngo-3. 

"Ngesikhathi amalungu ebandla elungiselela ukuthandaza, umsolwa uvele wasukuma waqala wagwaza abantu akade ethandaza nabo," kusho uConstable Henry Durant wesiteshi samaphoyisa eMalmesbury. 

ITHEMPELI okuhlaselwe kulo abebekhuleka. Isithombe: Henk Kruger/African News Agency/ANA
Umsolwa, okubikwa ukuthi ungowesilisa wokufika oneminyaka ekuma-30, kuthiwa ukwenze lokhu ngesizotha engajahe ndawo kanti uqale ngokuhlasela owesilisa okhulile wamnquma uqhoqhoqho ngommese omkhulu. 

Ngesikhathi amaphoyisa efika ethempelini kuthiwa umsolwa unqabile ukubeka phansi ummese, wazama ukuhlasela amaphoyisa, amdubula wafa. 
UTraut uthe ukubulawa kwakhe kusazophenywa yi-Ipid. 

Uthe asikatholakali isizathu sokuhlaselwa nokubulawa kwamalungu aleli thempeli.