UHLALELE ovalweni umndeni wakwaGumede eNkolokotho, eMtuba, ngemva kokubulawa ngokudutshulwa kwabaganene asebekhulile.
UMnuz Lennok Mfaniza Gumede (63) nenkosikazi yakhe, uNkk Joyce Dumazile Gumede (59), badutshulwe ngoMgqibelo ebusuku.
Bangenelwe ngabantu okuthiwa bebezenza abathengi benyama yenhloko ebidayiswa nguNkk Gumede.
Bebenesitolo esingaphandle kwegceke lomuzi wabo abebesiqashisele abantu bokufika.
Kulokhu kuhlaselwa abaphangi bashaye bachitha nezibhamu ezimbili ezisemthethweni, okungesikaGumede nesendodana yakhe esebenza eLimpopo.
UNkk Gumede udutshulwe ngezinhlamvu ezine esekhishini, umyeni wakhe wabulawelwa egunjini lokuphumula ngezinhlamvu ezintathu.
UMnuz Lucky Gumede, oyindodana endala ebantwaneni abahlanu bakwaGumede, uthe kabayazi imbangela yokubulawa kwabazali bakhe futhi akukho abakusolayo.
Uthe badideke amakhanda futhi bahlalele ovalweni. Uyasola ukuthi ababulali ngabantu abebazi ukuthi abazali babo basele bodwa ngalesiya sikhathi.
Uthe yena wayekade ehleli nabazali bakhe ngoMgqibelo emini ngaphambi kokuthi ahambele umcimbi owawuseNkolokotho ngo-2 emini.
Uthe wathuka koma nasozwaneni eselandwa lapho ayekade ehlezi khona ebusuku wafika kubo sekugcwele izimoto etshelwa ukuthi abazali bakhe kabasekho emhlabeni.
Bebehlala bebane ekhaya kuhlanganisa nodadewabo owuthisha owayengekho ngalobu busuku ngenxa yokuba matasa ngomsebenzi wakhe wobuthishela.
“Siyasola ukuthi ababulali ngabantu abazenze abazothenga inyama yenhloko ekhaya. Ngikusho lokhu ngoba izandla zikama zazinamafutha, i-microwave iduma kukhombisa ukuthi wayekade efudumeza inyama ngaphambi kokuthi ayidayise njengenhlalayenza,” kusho uGumede.
Uthe abazali bakhe bekungabantu abazilungele, benothando futhi besiza emphakathini lapho kudingeka khona, unina eyikholwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aKwaMsane aphenya amacala amabili okubulala.
Uthe ngoMgqibelo ngo-8.30 ebusuku kwatholakala izidumbu ezimbili zinamanxeba okudutshulwa.
Uthe amaphoyisa ayaqhubeka nophenyo mayelana nalesi sigameko.