BATHUKILE abahlali basehostela elike lakhungathwa udlame, iGlebelands, kulandela ukubulawa kowayesekomitini lezokuthula.
UMnuz Sthembiso Mkhize udutshulwe wabulawa ngeSonto ebusuku.
UMkhize udutshulwe kaningi ekhanda, washonela endaweni yesigameko.
UMkhize ubeyilungu lenhlangano yomakadebona kwi-ANC, uMkhonto weSizwe Military Veterans Association.
Ngokusho kolwela amalungelo abantu, uNksz Vanessa Burger, uMkhize udutshulwe ebheke lapho ehlala khona, kuBlock R.
“Bekunomsindo ehostela ngoba abantu abaningi bebekade bebukela ibhola, njengoba bekunomdlalo omkhulu obuphakathi kweMamelodi Sundowns neKaizer Chiefs. Bekugcwele kuchichima ezindaweni ezidayisa utshwala. Abanye abantu bebesajabulela ukuqokwa kozomela i-ANC okhethweni.
“Njengejwayelo, amalambu asemgwaqweni kuBlock R, abengakhanyi. Lokhu kuheha izinkabi.”
Lesi sigameko sesishiye abahlali besaba ukuthi udlame lungase lubuye luqale phansi ehostela.
Ngokwezibalo ezingaqinisekisiwe, cishe babalelwa ku-150 abantu asebebulewe eGlebe kusukela ngo-2014.
Leli hostela liphinde laziwe njengesidleke sezinkabi.
Omunye wabahlali bakhona, uMnuz Sbu Hluthwa, uthe basashaqekile ngalesi sigameko.
"Kunzima kule ndawo. Yize kungasabikwa kakhulu kwabezindaba ngokubulawa kwabantu kepha ziyaqhubeka izigameko zokubulawa kwabo.
“Akujwayelekile ukuthi kuphele inyanga kungazange kubulawe umuntu.”
Echaza ngokubulawa kukaMkhize, uHluthwa uthe udutshulwe ehamba nengane yakhe encane.
“Angizange nginake ngesikhathi ngizwa ukuqhuma kwesibhamu. Bengizitshela ukuthi umuntu oshaya ikhalibhothi noma imoto. Ngithe uma ngiphuma, ngathola ukuthi uMkhize akasekho.
“Ingane yakhe yomfana ibilokhu ikhale njalo. Ngiyacabanga ukuthi isekude ukukhohlwa okwenzekile. Okwenza izinto zibe nzima kakhulu ukuthi kumnyama kuleliya hostela.”
Okhulumela inhlangano emele abahlali basemahostela, Ubumbano Lwamahostela, uMnuz Mthembiseni Thusi, usigxekile isigameko.
“Iyakhathaza kakhulu indaba yaseGlebelands ngoba ifike ixoxwe, kube sengathi iphelile, bese kuba khona ukuntshontshana.
“Kuyinkinga ukuthi ungathi siphila esikhathini lapho sibhekene nezinkinga eziningi ezifana nokusweleka kwemisebenzi bese kuba khona abantu abanesikhathi sokuzingela abanye ngezibhamu.”
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa aseMlaza aphenya icala lokubulala.
“Imbangela yokubulala ibingakaziwa.”